Imibono

Abantu bakhathele ukudlala osopolitiki – bagcwele imigwaqo

MUVA nje sibona imiphakathi ehlukene yakuleli ibamba amamashi okuseka ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi emuva kokudedela amabhomu ngokuziphatha kukangqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz. Senzo Mchunu.

UMkhwanazi udalule obala izinsolo ezibucayi ngoMchunu, ngokubandakanyeka kwakhe kwigunundu lezigebengu ezisebenza umshoshaphansi kanye nokungenelela kwakhe emsebenzini wamaphoyisa.

Kulezinsolo kuthinteka nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa.

Abantu kuzo zonke izinkalo bazwakalisa ukuseka u-Lt. Gen. Mkhwanazi ngokudalula leliqiniso elibenza bebuyelwe ithemba lokuthi kusekhona amaphoyisa aqotho njengaye.

Kuqale ngesonto eledlule lapho kubonakale izinkumbi zabantu e-Cape Town zigcwele umgwaqo zizwakalisa ukuseka uMkhwanazi. Nasezifundazweni ezehlukene abantu bakhuluma into efanayo.

NgoLwesibili eThekwini izinhlangano zepolitiki nezomphakathi bezimasha zizwakalisa ukuseka kwazo uMkhwanazi owenza umsebenzi oncomekayo wokulwa nobugebengu nokuhlakaza izidleke zabo.

Ubugebengu obuhlasele imiphakathi yakuleli okuhlanganisa ukuphangwa kwezimoto zemali, ukugqekezwa kwemizi namabhizinisi, ukuntshontshwa kwezimoto, ukubulawa nokushushumbiswa kwezidakamizwa nabantu sekwenze abantu baphelelwa ithemba ngohulumeni ophethe.

Ukumataniswa kwamagama osopolitiki nezigebengu eziphuma zingena emajele kulahlisa ngethemba ukuthi iyoke inqotshwe impi yabo kuleli.

Enye inselelo okubonakala sengathi uhulumeni akayisukumeli eyokuthutheleka kwabantu bokufika kuleli. Iningi labo lingena ngokungemthetho kuleli, okudala isinyokotho ezikhungweni zikahulumeni ezibelekelwe ukusiza abantu bakuleli.

Noma zingekho izinombolo eziqondile zabantu bokufika abakuleli kodwa umnyango wezasekhaya ubike ukuthi bangu-46 898 abantu abaphindiselwe emazweni abo abebekuleli ngokungemthetho ngonyaka wezimali u-2024/25.

Eminye imithombo ihlawumbisela ekuthini baphakathi kuka-3 million kuya ku-8 million abantu bokufika abagcwele kuleli, nokuyinombolo enkulu kakhulu uma wazi ukuthi bangaki abantu bakuleli abawumsinsi.

Iningi imali ekhishwa uhulumeni uhlinzeka labantu bokufika ngezondlo okumele ngabe zitholwa abantu bakuleli. Miningi imisebenzi izinkampani eziyinika abantu bokufika ezibakhokhela imali encane njengoba besuke bengenawo amaphepha okuba kuleli ngokusemthethweni.

Ilokho okusukumise abantu bakuleli bangena emigwaqeni benxusa uhulumeni ukuba asukumele lokhu. Abagcini ngokunxusa uhulumeni ukuba asukumele lokhu njengoba manje sebezixoshela bona abokufika ezikhungweni zikahulumeni ezifana nemitholampilo nezinye

Umkhankaso i-March and March owaqalwa umsakazi weVuma FM, u-Jacinta MaNgobese Zuma wenza umehluko omkhulu ukuguqula isimo nokushaya ikhwelo ngenselelo edalwa abantu bokufika kuleli.

Umnyakazo wabantu ungikhumbuza amagama ashiwo uDkt. Nelson Mandela owathi: “Uma i-ANC yenza lokhu okwenziwa uhulumeni wobandlululo kini, anokwenza kuyona i-ANC lokhu enakwenza kuhulumeni wobandlululo”.

Kuyabonakala ukuthi abantu bavukile manje emaqandeni. Bakhathele ukukhohliswa osopolitiki be-ANC abegabe ngokuba semandleni.

Uma abakuhulumeni bengashintshi ukwenza singase sibone izigigaba eziningi ezivusa uhlevane, abantu sebezilungisela bona ababona ukuthi konakele ezweni labo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com