EZIKAMABONAKUDEEzosaziwayoIzindaba

Ababukeli abachazeki ngendlela alingisa ngayo owe-Generations: The Legacy

NJENGOKUJWAYELEKILE abantu abachithanga sikhathi ukuqonda ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukunganeliseki kwabo ngendlela alingisa ngayo umlingisi osanda kujoyina i-Generations: The Legacy, u-Athie Cwele. Abaningi babo labo abamgxekayo akubuzwa nje ukuthi baqale ukumazi esedlala ku-Generations: The Legacy kanti usuke kude ukuze afike kuleli qophelo akulo manje.

UCwele odabuka endaweni esemakhaya eMzimkhulu, esigodini saseMagwala ubukeka enekusasa eliqhakazile kulo mkhakha wezokulingisa.

Ngaphambi kokubonakala ku-Generations: The Legacy udlale emidlalweni eminingi okuhlanganisa kuyo othi Icala lapho adlale khona indawo kaMsizi kuma-season amabili awo lomdlalo obuboniswa kuMzansi Magic. Emdlalweni Icala uMsizi ubehlale ebhekene nezinkinga kwezomjolo.

Ngo-2023 uthola ithuba lokulingisa emdlalweni obutshengiswa ku-Netflix, i-The Queenstown Kings. Lo mdlalo ubuxoxa indaba ngamandla omphakathi obumbene nokuqonda ukwakhela phezu kwalokhu okukhona ukuze uqhubekele phambili, ufeze amaphupho akho.

Kuthe ngo-2024 walingisa indawo kaSipho emdlalweni owuchungechunge, iHa Molefi. Kulo mdlalo ubedlala indawo yowesilisa othandana nabanobilili obufana nobabo, nayidlale ngomphefumulo wakhe wonke njengoba eyibaxe kwagcwala abadidiyeli nababukeli.

Njengamanje uCwele wenza izifundo ze-Digital Marketing ne Software Engineering, kanti unezinhlelo zokusungula ibhizinisi lakhe uma eqeda izifundo zakhe.

Laphaya ku-Generations: The Legacy udlala indawo kaKamogelo Moroka oyindodana kaKeabetswe Moloi okuyindawo elingiswa uKgomotso Christopher. Nokho ababukeli abaningi abachazeki ngekhono lakhe lokulingisa. Kunenibhalo esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho ababukeli benza khona ihlaya ngendlela alingisa ngayo.

Ngaphandle kokulingisa uphinde enze izikhangiso nezimemezelo emisakazweni nokungelinye lamakhono avelele ngawo emkhakheni wezikaqedisizungu.

Uyalithanda nebhola lezinyawo, uvame ukwenza ama-video elingisa abadlali bebhola, abaqeqeshi uma benza izinkulumo nezintatheli emuva komdlalo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com