EZISEMATHENIEzosaziwayoIzindaba

Uxolisile uMinnie Ntuli befuna ikhanda lakhe abantu ezinkundleni zokuxhumana

LUGCINE lugobile uphondo waxolisa uMinnie Ntuli emuva kokuba izinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana zizwakalise ukucasuka ngokuziphatha kwakhe ohlelweni lukamabonakude i-The Real Housewives of Durban (RHOD).

UMinnie uzithole ekulenyakanyaka emuva kwe-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana eveza isiqephu lapho eshawota futhi edudula uzakwabo kulolu hlelo, uLondie London.

Lesiqephu sibathusile ababukeli, asebefuna kusayinwe i-petition yokuthi axoshwe emsakazweni asebenza kuwo iGagazi FM nakulolu hlelo.

Kule-video uMinnie ubonakala ephelelwa isineke, ephosa i-cushion kasofa ebusweni bukaLondie London, esho emusho – emkhomba ngomunwe esiphongweni.

Esithombeni: Esinye seziqephu lapho uMinnie Ntuli eshawota khona uLondie London

Lapho uLondie London uyazibukela nje, ude ebuza ngomoya ophansi uthi: “Wenzani?”

Aphendule uMinnie athi: “Abazali bami abasibona abangani bakho. Yeka ukubadelela!”

Ababukeli bathi akusona isiqubu esivusa usinga lesi kodwa ukweyisa nokuhlukumeza, bamfuna ehambile kuyo yonke imisebenzi ayenzayo.

ULondie London yena kuvele ukuthi ulandela umgudu womthetho njengoba esevulele uMinnie icala lokuhlukumeza.

IGasasi FM likhiphe isitatimende ngoLwesihlanu licacisa uhlangothi lwalo ngalolu daba.

Esitatimendeni lithe uMinnie uyazisola ngesenzo sakhe futhi usebhale incwadi yokuxolisa kubakhiqizi bohlelo i-RHOD.

Lithe kumanje kunohlelo lokuthi athole ukululekwa okusezingeni. Lona njengesiteshi likhuthaza ukubuyisana.

Nokho abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bafuna ikhanda lakhe uMinnie njengoba befuna athathelwe izinyathelo ezinqala.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com