Kuqokwe ‘ungqondongqondo’ ekulweni nobugebengu kwesikangqongqoshe wamaphoyisa
YAMUKELWE ngemizwa ehlukene inkulumo ebilindwe ngabomvu kamengameli wakuleli, uMnuz. Cyril Ramaphosa ebingeSonto ebusuku emuva kwesithangami sabezindaba ebesibizwe ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngomhlaka-6 Ntulikazi (July) 2025 lapho ededele khona amabhomu ngobudlelwane bukangqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz. Senzo Mchunu negunundu lezigebengu, kanjalo nokungenelela kwakhe emsebenzini wamaphoyisa.
Abantu baseNingizimu Afrika bebelindele ukuba umengameli abanike ithemba ngobuholi bukahulumeni wakhe, kakhulu ohlangothini lwezokuphepha emuva kwalezinsolo ezishaqisayo ezenziwe uMkhwanazi.
Umengameli wezwe akachithanga sikhathi ukumemezela ukuthi unika uMnuz. Mchunu ikhefu wabe eseqoka ungqondongqondo ekulweni nobugebengu, uSolwazi Firoz Cachalia ukubamba njengongqongqoshe wamaphoyisa.
Emasontweni edlule kushaqeke abaningi esithangamini sabezindaba abesibizwe uMkhwanazi enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini, ekhuluma esidlangaleni ngokubandakanyeka kwezikhulu eziphezulu zamaphoyisa ebugebengwini obujulile obenzeka kuleli.
Kulobu bugebengu kuthinteka amaphoyisa e-SAPS, awomasipala abakhulu i-Johannesburg Metro Police Department, Ekurhuleni Metro Police Department, Tswane Metro Police Department, kanye nesakhiwo sezobulungiswa sakuleli.
Ngesikhathi ekhuluma ngeSonto umengameli uthe izinsolo ezenziwe uMkhwanazi zibucayi kakhulu njengoba zinyakazisa futhi ziphonsela inselelo ezokuphepha kanye nezobunhloli zezwe
Uthe uqoke i-Judiciary Commission of Inquiry ezoholwa isekela mengameli lamajaji, ijaji Mbuyiseni Madlanga, ezophenya kabanzi ngezinsolo ezenziwe uMkhwanazi. Le khomishane izoba namandla okuyalela ukuba kumiswe emsebenzini abangakufanele ukubamba izikhundla futhi kuboshwe abanamacala athinta ubugebengu noma ngabe bangobani.
Umengameli uthe ikhomishane kaMadlanga izoletha kuye nakumengameli wamajaji, ijaji Mandisa Maya umbiko wayo wokuqala emuva kwezinyanga ezintathu (3) bese olandelayo iwulethe emuva kwezinyanga eziyisithupha (6).
USOLWAZI FIROZ CACHALIA UNGUNGQONDONGQONDO EKULWENI NOBUGEBENGU
Uma sibuyela odabeni lokuqokwa kukaSol. Firoz Cachalia njengebamba likangqongqoshe wamaphoyisa, abaningi bayazibuza ukuthi ngabe ungubani?
Ngesikhathi umengameli eqoka uSol. Cachalia usebenzise umthetho owu-section 91(3)(c) kumthethosiselelo wezwe omvumela ukuba angaqoka ongqongqoshe abangekho ngaphezu kwababili (2) ngaphandle kwemalungu ephalamende.
USol. Cachalia njengamanje ungumqondisi weMandela Institute e-University of Witwatersrand nokuwumsebenzi azothatha umhlalaphansi kuwo ekupheleni kukaNtulikazi 2025.
Ngo-2022 uqokwe umengameli ukuba usihlalo we-National Anti-Corruption Advisory Council (NACAC). Uphinde asebenze kuma-board ehlukene kubalwa i-Ahmed Kathrada Foundation, Corruption Wach, Hlanganisa Institute of Development of Southern Africa.
Ngaphambilini uke wasebenza njengelungu le-board yase-Helen Joseph Hospital kanye neGauteng Planning Commission.
Uyilungu futhi ungumakadebona we-ANC njengoba ephinde ehlale ezakhiweni zomakadebona beqembu, abaneqhaza elibalulekile lokululeka ubuholi obuphethe.
Phakathi kweminyaka u-2004 no 2009, uSol. Cachalia usebenze njengomphathiswa womnyango wezokuphepha komphakathi eGauteng. Ngaleso sikhathi ubephinde abe ngumholi wamabhizinisi kahulumeni.
Ngaphambi kwalokho, ubengumphathiswa womnyango wokuthuthukuswa komnotho, waphinde waba inhloko ye-Planning Commission kuhulumeni wesifundazwe iGauteng.
Ngesikhathi esangumphathiswa wezokuphepha komphakathi eGauteng wenze umsebenzi oncomekayo, njengoba ngo-2006 esungule i-Operation Iron Fist ebigxile ekulweni nokuphangwa kwezimoto zemali, ukugqekezwa kwemizi kanye namabhizinisi. NgoMandulo walowo nyaka kwengezwe amaphoyisa angu-3 011 ukufeza lomsebenzi.
Uphinde wasungula i-Operation Trio ngo-2007 ebigxile ekuqedeni izidleke zobugebengu, abesebenza kakhulu kuyo namalungu omphakathi ngaphansi komkhankaso othi “Take Charge Against Crime”, ngalowo nyaka kusungulwe inqwaba yama-Community Policing Forums (CPF’s) abebukhali.
Ekupheleni konyaka u-2007 eGauteng bese kuqoqwe izibhamu ezingu-5 873 ezingekho emthethweni, kutholakale izimoto ezingu–1 974 ebezintshontshiwe, kwazise ubegxile kakhulu ekunqandeni ubugebengu ngokwakha izivimbandlela nokuhlasela kungazelele muntu emabhilidini nasezindaweni zomphakathi.
Ngesikhathi sakhe eGauteng kwehlile ubugebengu bokugqekezwa kwemizi nezenzo zodlame obekudalwa ukutshalwa kwamaphoyisa amaningi ezindaweni ezidume ngabo, imikhankaso ebihlose ukulwa nobugebengu kanye nokubandakanya imiphakathi ekulweni nobugebengu ezindaweni zayo.

