IzindabaUmculo

USpination SA no Vibe Kazee bapheka ulozolo lwengoma ebhekiswe kuJehovah.

IZIMO zempilo ezibuye zingahambi ngokohlelo lomuntu zenze abaculi ababili, uSpination SA no Vibe Kazee bapheka ingoma ebhekiswe kuJehovah.

U-Andile ‘Spination SA’ Magubane no Vibe Kazee waseLimpopo bapheka ulozolo lwengoma enesihloko esithi ‘Jehovah’ okungangabazeki ukuthi izoshisa izikhotha zonke izinkalo eNingizimu Afrika. “Izoba nkulu lengoma”, kusho uSpination SA ongowokudabuka eMhlubulweni eMandeni, KwaZulu-Natali kodwa osezinze eGoli ngenxa yomsebenzi.

Esithombeni: Kuba nje uma uSpination SA no Vibe Kazee sebematasa ngokuhlanganisa ingoma yabo

Utshele UMKHAYA ukuthi kuningi asebhekane nakho empilweni okumenza abone kubalulekile ukuthi abhekise umthandazo wakhe kuJehova ngale ‘namba’.

“Le ngoma ikhuluma kakhulu ngokuzinxusela kuJehovah nokuyinto enginesiqiniseko esikhulu ukuthi izokwenza abantu bazibone beyingxenye yayo nokungeza ukuthi beyithande ngoba izobahlanganisa nomdala wezinsuku. Siyibheke kakhulu siyiNingizimu Afrika”, kusho yena.

Abanye abadidiyeli bomculo ababambe iqhaza elikhulu ekuhlanganiseni lengoma okulindeleke ukuthi itholakale maduze ezinkundleni zomculo o-Prokid D Soul no Tylish.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com