Imibono

Abangamaciko kufanele bakhumbule ukubaluleka komsebenzi abawenzayo

KUBALULEKILE ukuba abangamaciko akuleli bakhumbule ukubaluleka komsebenzi wabo kanye nesiphiwo abasiphiwe sokuxhumana nabantu. Esikhathini samanje sibukeka siwadinga kakhulu amaciko afana nalawa angesikhathi sobandlululo, okwakungabantu ababekwazi ukusebenzisa amakhono abo ukudlulisa imiyalezo ehlukahlukene eyayimayelana nokubuswa kwezwe.

Okwenziwe uJacinta MaNgobese Zuma ngokugqugquzela umkhankaso wokulwisana nabangena kuleli ngokungemthetho kuyisibonelo esihle sale nto engikhuluma ngayo.

Esithombeni: Abantu abamashayo emkhankasweni i-March in March onconywa umbhali

Lo mkhankaso owaholela ekutheni kube khona imashi esifundazweni iKwaZulu-Natali ube nesasasa ngendlela yokuthi abasemagunyeni kubukeka sebeqala ukuthatha izinyathelo ezifanele. Sekukaningi sibona abaholi abahlukene ezinkundleni zokuxhumana benza imikhankaso ehlukene yokulwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho. Konke lokhu kuyimbangela yokusukuma kwakhe uJacinta asebenzise ikhono lakhe lokuba iciko ukwedlulisa lo myaleyo.

Kufanele ukuba kugqugquzelwe ukuthi wonke umuntu ongusaziwayo asebenzise ukwaziwa kwakhe ukudlulisa imiyalezo ephathelene nokwenzeka emiphakathini. Masikhumbule ukuthi osaziwayo baba nabantu ababukela kubo futhi ababathatha njengamaqhawe. Ubuciko buyindlela ebalulekile yokudlulisa imiyalezo ngalokho okusuke kwenzeka ezweni, ingakho-ke kulindelekile kosaziwayo ukuba basebenzise ubuciko babo ukuxwayisa ngokubi okwenzekayo noma ukugqugquzela okuhle okwenzekayo.

Amaciko amadalo njengo Mama Mirriam Makeba, Hugh Masekela, Mzwakhe Mbuli nabanye ayekwazi ukusebenzisa ubuciko babo ukuqamba izingoma ezazilwisana nobandlululo. Lokhu kwaba nomthelela omkhulu ekudluliseni umyalezo nakwamanye amazwe. Lokhu akufanele kugcine ngabo kuphela, amaciko amanje nawo kubalulekile ukuba akhulume ngokwenzekayo emiphakathini. Awangagcini ngokufuna okuza kuwona kuphela. Ukwenza isibonelo nje, kukhona usaziwayo owake wabhala ngokungahlonizi ezinkundleni zokuxhumana ebalula ukuthi kungani ezithele ngabandayo ngalo mkhankaso. Isizathu sakhe asingigculisanga neze kwazise abantu bakuleli yibo abamsaphotha ukudlula labo abangaphandle abekhuluma ngabo.

Akukuhle impela ukubona abantu esingababiza ngokuthi bane-influence ngolwasemzini bezithele ngobandayo uma kufika ezintweni ezingezinhle ezithinta imiphakathi abaphila kuyo nabo. Okubi kakhulu ukuthi bona labo bantu abananazi uma becela usizo emiphakathini.  Abakwenzayo kubonisa ukuthi abazi lutho ngesiqubulo esithi izandla ziyagezana. Ningizwe kahle, angisho ukuthi osaziwayo abasaphothe yonke imikhankaso eyenzekayo kodwa ngithi kuyathusa ukuthi esikhathini esiphila kuso osaziwayo benza sengathi bona baphila komunye umhlaba.

Ukuba yiciko kusho ukuthi ungumuntu ophiwe isiphiwo sokudlulisa umyalezo ngobuhlakani ngakho-ke amaciko awakukhumbule lokho ngaso sonke isikhathi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com