Izindaba

Uyabaleka ufakazi wombuso osola uBr. Gininda ngamanga kwelikaMeyiwa

USEDALULE kuthi kungamanga aluhlaza cwe ukuthi wake wathembisa ukuba ufakazi ecaleni likaSenzo Meyiwa owesilisa osekhulile obizwa ngo-Absolom Zungu.

UZungu ubhale i-affidavit esiteshini samaphoyisa esise-Newcastle lapho elahla khona umphenyi wecala lokubulawa kukaMeyiwa, u-Brigadier Bongani Gininda.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMeyiwa wadutshulwa wafa kubo kwentombi yakhe, u-Kelly Khumalo e-Vosloroos eGoli ngoMfumfu (October) 2014. Kunabasolwa abahlanu (5) ababoshwa ngaleli cala eliqhubeka enkantolo, i-Pretoria High Court okungo Bongani Ntanzi, Muzi Sibiya, Mthobisi Mncube, Mthokoziseni Maphisa no Fisokuhle Ntuli.

UZungu usola uBr. Gininda ngokupheka ubufakazi kuleli cala eselidonse iminyaka engaphezu kweyishumi (10). Kwi-affidavit uZungu uyaphika ukuthi wathi uzofakaza kuleli cala aqinisekise ukuthinteka kwabasolwa ababili uMuzi Sibiya noBongani Ntanzi. Uthe akakaze athembise muntu lokho noma esayine isitatimende ezibophezela kulokho.

UZungu ubhale kwi-affidavit ukuthi ushaqekile njengomuntu wonke ezwa uGininda ethi ungufakazi oqanda ikhanda kuleli cala, futhi usekusho amahlandla amaningi.

NgokukaZungu uGininda usezame kaningi ukumvalela ekhoneni ngendaba yokufakaza kuleli cala likaMeyiwa. Kodwa zonke izikhathi ubelokhu engavumi nakuba ubemsabisa futhi emhlukumeza. Uthe useke wazama ngisho ukumcubuzela ngemali ukuze afakaze kodwa wangavuma. Uthe unqaba nje ingoba akazi lutho ngempela ngokufa kukaMeyiwa.

Kwi-affidavit uthe wahlangana noGininda owamyalela ukuthi kumele afakaze ecaleni likaMeyiwa amatanise ofakazi ababili ngecala.

“Ngesikhathi kuqhubeka icala lokubulawa kwalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa enkantolo i-Pretoria High Court kulonyaka, u-Brigadier Bongani Gininda watshela inkantolo ukuthi mina ngathi kuye abasolwa ababili uSibiya noNtanzi bahlangene nokubulawa kukaMeyiwa.

“Ngo-2023 ngike ngahlangana no-Brigadier Gininda nomunye wesifazane omhlophe e-Newcastle. UGininda wangicela ukuthi ngifakaze enkantolo ngimatanise uSibiya noNtanzi njengabantu ababulala uSenzo Meyiwa.

“Mangenza lokho wathi uzongivikela, waze wathembisa nokuthi uzongiyisa ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ukuze ngiphephe. Kodwa angivumanga futhi angiphindanga ngakhuluma naye emuva kwalokho, kwaze kwaba ngimuzwa ekhuluma kulo leli cala efaka igama lami”, kulandisa uZungu.

UGininda kusukela ngonyaka odlule ubelokhu etshela inkantolo ukuthi uZungu ungufakazi osize umbuso ukuthi ugcine ubophe uSibiya noNtanzi. Utshele inkantolo ukuthi indodana kaZungu eyiphoyisa, uSkhumbuzo Zungu, noyise benza izitatimende ezifungelwe ezimatanisa uSibiya noNtanzi kuleli cala.

UZungu uthe uGininda wahlanganisa ukuboshwa kukaSibiya noNtanzi naye ekubeni engazi lutho futhi uyakuphika konke [uGininda] athi wakusho kuyena. Uthe usesabela nempilo yakhe manje, ngoba uyamsaba loGininda owenza konke ukuhlanganisa igama lakhe necala likaMeyiwa.

“Sengisabela impilo yami ngoba angisaziboni ngiphephile njengoba u-Brigadier Gininda esengifonela njalo efuna ukuhlangana nami ethi asibonane endaweni evulekile kodwa ngingatsheli muntu noma ngingezi namuntu. “Hlezi ngimtshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuhlangana naye ngoba ngiyamesaba”, kuqhuba i-affidavit kaZungu.

“Indodana yami, nayo eyiphoyisa eGoli, isingifonele kaningi ingincenga ukuthi ngihlangane no-Brigadier Gininda”, kusho yena.

Emasontweni edlule uGininda utshele inkantolo ukuthi uZungu angeke esafakaza bukhoma enkantolo kodwa uzobhala isitatimende ngoba uyesaba. Nokho uZungu ubhale kwi-affidavit ukuthi umuntu amsabayo yena uGininda, osezame kaningi ukumphoqa ukuthi afakaze kuleli cala njengofakazi wombuso. Uthe uze wamthembisa izulu nomhlaba. Uthe kunesikhathi lapho uGininda ake afuna khona inombolo ye-account yakhe yasebhange ukuze befake imali uma ngithembisa ukufakaza”, kusho Zungu.

“U-Brigadier Gininda waqamba amanga enkantolo ukuthi ngiyanqaba ukuyofakaza, azi kahle ukuthi angikaze ngisayine lutho olungibophezela kulokho”, kusho uZungu kwi-affidavit.

“Angikaze mina ngisibhale isitatimende ku-Brigadier Gininda ngokufa kukaSenzo Meyiwa ngoba vele angazi lutho ngakho. Engakutshelwa indodana yami mina ukuthi abasolwa bayifonela bethi akuhlanganwe ehostela eliseGoli lapho eyabanika khona isibhamu nokhiye bemoto, base behamba beyishiya. Ngokuhamba kwesikhathi yabuya, yashintsha okokugqoka yabeka isibhamu phezu kwetafula kwase kosiwa kujatshulwa”.

Ngakolunye uhlangothi uNtanzi useke watshela inkantolo ngesikhathi kuqhubeka leli cala likaMeyiwa ukuthi uGininda wamthembisa imali engu-R3 million uma engamatanisa abanye abantu ababili naleli cala. Nokho uGininda ukuchithile lokho enkantolo, wathi umbuso awunayo leyo mali.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com