USomizi uphika eyokuba umqondisi wenkampani eyaxosha abasebenzi, yize kunobufakazi
UNONTANDAKUBUKWA ophinde abe umsakazi we-Metro FM, uSomizi Mhlongo uphika ulala ngomhlane ukuthi ungumqondisi wenkampani elahlwe ngecala i-Commision for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ngokuxosha abasebenzi ngaphandle kokubaxwayisa noma ibaqulise amacala.
USomizi ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook ephika ukuba ngomunye wabaqondisi balenkampani yize kunobufakazi obuqanda ikhanda obumumatanisa nayo.
UMKHAYA ubike ngesonto eledlule ukuthi i-CCMA iyalele isithunywa senkantolo ukuthi kufakwe endalini izimpahla zenkampani ehlanza izakhiwo, i-Search Light Pty Ltd ukuze kuthathwe imali ezidayiswe ngayo inikezwe abasebenzi.
I-CCMA ibe isiyalela i-Search Light Pty Ltd ukuba ikhokhele abasebenzi imali engu-R165 402.62 kusukela ngenyanga ebaxoshe ngayo, uNdasa (April), Nhlaba (May) noNhlangulana (June).

Esithombeni: USomizi ephika ukuba umqondisi wenkampani i-Search Light Pty Ltd ekhasini lakhe lika-Facebook
Encwadini ebhalwe ilenkampani ngoNhlaba igunyaza abameli abebeyimele ku-CCMA ngesikhathi kuqhubeka icala labasebenzi bayo abebesebenzela e-Carlton Centre eGoli, uSomizi usayinile kanye nabanye abaqondisi ababili (2).
Ngokombiko esinawo i-Search Light Pty Ltd yathola i-tender kwa-Transnet yokuhlanza izakhiwo zayo, esinye sazo ibhilidi elise-Carlton Centre eGoli.

