Ukhishwe nge-bail ka-R5000 osolwa ngokubulala uLikhona Fose (14) e-Roodeport
UPHUME nge-bail ka-R5000 enkantolo i-Roodepoort Magistrates Court ngoLwesithathu uMduduzi Mnisi (39) osolwa ngokubulala intombazanyana eneminyaka eyisishumi nane (14), uLikhona Fose.
Isidumbu sikaLikhona satholwa ehlathini lase-Durban Deep ngase-Roodepoort entshonalanga yeGoli ngoNhlangulana. Ufakazi kuleli cala okuyintombi yakhe uthe wayenaye uMnisi ngosuku okusolwa ukuthi wabulala ngalo uLikhona.
Umphenyi wecala uvumile ukuthi akanaye omunye ufakazi omatanisa uMnisi naleli cala ngaphandle kowesifazane okusolwa ukuthi ubejola naye owatshela amaphoyisa ukuthi wambona [uMnisi] ehamba uLikhona.
Imibandela ye-bail kaMnisi ihlanganisa ukungaphumeli emphakathini noma angabi ngaphandle kwendawo azise inkantolo ukuthi uhlala kuyo aze aphinde evele kuyo phambi kwemantshi u-Delize Smith.
U-Smith uxwayise uMnisi aqikelele ukulandela imibandela ye-bail ngoba uma ehluleka uzombuyisela ekhulukuthu atholoze ngaphakathi.

