Uphekwe ngobhojwana ‘waxova’ ubufakazi ummangali kwelikaSiya Mhlongo
UBEKHULUMA lokhu abuye aziphikise yena ummangali ecaleni lobengumsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo eliqhubeka enkantolo, i-Durban Magistrate’s Court eThekwini.
UMhlongo uboshwe ngoMandulo 2024 emuva kokuvulelwa icala uNjabulo Duma omsola ngokumshaya mhlaka-31 Ncwaba (August) 2024 ebusuku ngaphandle kwendawo yobumnandi eku-Florida road, eThekwini.
Ngokusho kukaDuma, uMhlongo umshaye ngebhodlela lotshwala ngenxa yesikhwele emuva kokuba [uDuma] evalelise komunye umngani wakhe wesilisa, owathi kuye “mncwaa… mncwaa..” naye waphendula kanjalo.
Ngesikhathi sisanda kwenzeka lesigameko kuvele ukuthi uMhlongo noDuma phambilini bebesebudlelwaneni bezothando, futhi bebephezu kwemizamo yokubuyelana.
Emuva kokuthi uMhlongo ebekwe ngokusemthethweni icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, Ukhozi FM lummisile emsebenzini lwabeka isizathu sokuthi “kumele abe nesikhathi esanele sokubhekana nezinkinga zakhe”, nokuthe sekuvuselelwa izinkontileka zabanye abasakazi eyakhe yangavuselelwa.
Uma sibuyela ecaleni ebeliqhubeka enkantolo ngoLwesine, mhlaka-10 Ntulikazi (July), ummeli kaMhlongo utshele inkantolo ukuthi ngosuku okwenzeka ngalo lesigameko ikhasimende lakhe lantshontshelwa imoto yalo eyi-Haval SUV.
Kuzokhumbuleka uMhlongo uqinise ithimba labameli bakhe ngokulanda uqweqwe lommeli, u-Adv. Simphiwe Mlotshwa omele omunye wabamangalelwa ecaleni lomculi we-Hiphop, u-Kiernan ‘AKA’ Forbes owadutshulwa wafa ngaphandle kwendawo yokudla i-Wish khona ku-Florida road.
Inkantolo ivumele u-Adv. Mlotshwa ukuthi naye aphose imibuzo kuDuma yize nommeli waphambilini, uSimphiwe Mathabela obemele ikhasimende elifanayo wayenikiwe ithuba lokumpheka. Okuqaphelekile ukuthi ngesikhathi ummangali ephendula imibuzo ka-Adv. Mlotshwa ngoLwesine, ubekhuluma okuhlukile kunakusho ngesikhathi ephendula uMathabela. Ngisho indlela abebephendulana ngayo ibinokuqagulisana.
Indaba yokuphikisana iqale etshwaleni okwaphuzwa ilaba bobabili ngosuku lwesigameko.
Ummangali utshele u-Adv. Mlotshwa inani likatshwala abakuthenga nabukuphuza ngobusuku besigameko okungafani nakutshela uMathabela nokudale ukudideka kwaze kwathiwa ikuphi okuyiqiniso phakathi kwakutshela uMathabela nakutshela u-Adv. Mlotshwa.
Empendulweni yakhe uthe akugxilwe kulokhu okuqoshwe ekuqaleni.
U-Adv. Mlotshwa ubuze uDuma ukuthi baphuza utshwala obungakanani eZai Restaurant, lapho uNjabulo ephendule khona wathi baphuza izingilazi ezimbili zewayini iMoscato, obekuphambene nakusho ngesikhathi ephendula uMathabela. U-Adv. Mlotshwa umkhumbuze ukuthi phambilini wayetshele inkantolo ukuthi baphuza ibhodlela likagologo i-Hennesy nehhafu yewayini iMoscato.
Umbuze ukuthi ikuphi okuyiqiniso, wathi ilokhu akusho kuMathabela.
Odabeni lokuntshontshwa kwemoto u-Adv. Mlotshwa utshele inkantolo ukuthi imoto kaMhlongo yatholakala eMlazi emuva kwezinyanga ezimbili ingatholakali. Kodwa uDuma ukuphikile ukuthi imoto kaMhlongo ike yantshontshwa.
Utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi emshaya uMhlongo babesemotweni. “Kuthe sengikhala kwaqhamuka abesilisa ababili (2), oyedwa wavula isicabha semoto wabuza ukuthi konke kuhamba kahle yini? UMhlongo wathi kuhamba kahle, kodwa ngasho mina ukuthi uyangishaya”, kusho uDuma.
“Lona obebuza wabe esekhuluma nomngani wakhe emcela ukuthi amsize bangiyise esibhedlela”.
Utshele inkantolo ukuthi: “Oyedwa walaba besilisa wangena esihlalweni somshayeli wazama ukushayela imoto ukuze bengise esibhedlela njengoba ngase ngivuza igazi kodwa yamhlula imoto, walwa naye uSiya waze wagcina ekwazile ukuthatha okhiye bemoto yakhe”, kusho uDuma.
Uthe wezwa uMhlongo ememeza igama lakhe emlandela kodwa wabaleka.
U-Adv. Mlotshwa utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi uDuma ebaleka, uMhlongo wasale washawa kanzima, waphangwa nemoto yakhe. Ube esekhombisa inkantolo umbiko kadokotela.
UDuma ukuphikile lokho, kodwa ngesikhathi u-Adv. Mlotshwa embuza ukuthi akayibonanga yini imoto kaMhlongo imdlula ngesikhathi [uMhlongo] ememeza igama lakhe emlandela, nakuvumile ukuthi wayibona.
Kuthe makubuzwa ukuthi imoto yayishayelwa ubani wathi uyamangala naye. Leli cala liyaqhubeka ngoLwesihlanu, mhlaka-11 Ntulikazi.

