EZISEMATHENIIzindaba

Sisaguqile isigcawu esishushisa uMbenenge ngezinsolo ‘zokuhanqazela’ ucansi kuMengo

USIHLALO wesigcawu esiphenya izinsolo zokungaziphathi kahle kukamengameli wamajaji esifundazweni i-Eastern Cape, u-Selby Mbenenge uthe emuva kokuphothulwa kobufakazi obebethulwa uMbenenge isigcawu sizoguqa isikhashana.

Ngokukammeli wohlangothi lwejaji uMbenenge, u-Adv. Muzi Sikhakhane akekho ufakazi abasazombiza kulesigcawu, ngakho sekufikwe esiphethweni saso.

Ezivikela uMbenenge kulesigcawu usole obengunobhala wasenkantolo enkulu, u-Andiswa Mengo ongummangali ngokuqamba amanga athe cwe kulesigcawu ngenhloso yokudicilela phansi igama lakhe.

Ijaji Mbenenge lisolwa ngokuhanqazela ukunikwa ucansi umsebenzi ongaphansi kwalo phakathi kuka-2021 no 2022.

Kusolwa ukuthi laba bobabili bebethumelana izithombe zokuncokolisana, kwase kuphenduka amatafula uMengo wangabe esafuna ukukhuluma noMbenenge okube sekulandela ukuthi afake isikhalazo ngaye. Emuva kwalokho kube sekusungulwa lesigcawu esihlezi e-Sandton edolobheni eGoli.Kuthiwa ngesikhathi eseqala ukucikeka ukusendelana imiyalezo nomphathi wakhe uMengo, ube esefaka imiyalezo yakhe nalo enkundleni axoxa kuyo nabantu u-WhatsApp okubonwe abangani axoxe nabo. Ngokusho kwakhe isizathu sokwenza lokhu ukuthi wayesekhathele ukuqhubeka nalezingxoxo ezingalungile futhi engasazi uzokwenza njani.

Ohola ubufakazi kulesigcawu, u-Adv. Salome Schweepeers ubengamnike thuba uMbenenge emxine ngemibuzo enzima.

Utshele uMbenenge ukuthi ngesikhathi uMengo esefaka ingxoxo yabo ku-Whatsapp wayesefuna usizo. “Wayesethi ‘Nakhu ngihlushwa umuntu omdala ongithumelela imiyalezo engcolile. Umuntu onesikhundla esingaphezulu kwami emsebenzini. Indoda eganiwe’. Uyabona ukuthi uyabona ukuthi isenzo sakho sidale muphi umonakalo kuMengo?”, kubuza u-Schweepers.

UMbenenge uphendule wathi: “Unamanga. Ngiyakuphikisa akushiwo ummangali. Uma ubuka indlela ebesikhuluma ngayo, lokho kukodwa kusho kukhulu ngaye”.

Lesi sigcawu esiholwa ijaji eselathatha umhlalaphansi, ijaji Bernard Ngoepe kulindeleke ukuba sibe nenguyazane yokucwaninga izethulo nobufakazi obethulwe kuso bese sikhipha isinqumo esibalulekile ngekusasa likaMbenenge emkhakheni wezomthetho.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com