Ukushona kukayise kumgqugquzele ukusungula ibhizinisi elenza amawashi uBuhle Gotsha (20)
UBUHLE Gotsha oneminyaka engamashumi amabili (20) waseThekwini uthi ukushona kukababa wakhe esemncane ngo-2018 kwamhlukumeza kakhulu, impilo yakhe yashintsha kakhulu waze wazithola esefisa ukuba yiyo yonke into ubaba wakhe ayeyiyo.
“Ngilwe izimpi ezijule kakhulu, ngaba nokhwantalala olunzima. Umama wangisiza kakhulu ukulwa nalokhu”, kusho uBuhle.
Uthe uzithole esethanda kakhulu umculo ka-Duncan owawuthandwa ubaba wakhe. “Njengamanje ngiwumlandeli omkhulu ka-Duncan”, kusho yena.
“Ngokuhamba kwesikhathi ngibonile ukuthi kufanele ngibe yimi ngibe nento ezochaza mina, ilokho okwakuzojabulisa ubaba ukuba yimi”, kusho uBuhle.
Uthe umama wakhe wamtshela ngobaba wakhe ukuthi wayezimisela kanjani mayefuna into.
“Inhloso yami empilweni ukwenza ubaba aziqhenye ngami ngolunye usuku”, kusho yena.
UBuhle uthe ngo-2021 ufikelwe umqondo wokuqala ibhizinisi elisondelene nezemfashini.
“Ngangifuna ukusungula inkampani esondelene nezemfashini, ngacabanga ngomkhakha wezingubo zokugqoka kodwa ngabuye ngabuka ukuthi sebebaningi kakhulu abangenise kulomkhakha kanti mina ngangithanda ukuhluka”, kusho yena.
Kuthe ngo-2022 wabe eseqala ibhizinisi lokwenza amawashi kanokusho aliqhubela ekhaya kubo. Uqambe ilebuli yamawashi akhe ngokuthi i-Erricson Dora Timepieces okungamagama abazali bakhe. Igama likababa wakhe u-Eric kanti unina u-Theodorra.
UBuhle uyakwazi ukukuqophela igama noma amagama ofuna avele ewashini uma ulithenga kuye. Phakathi kwabanye abantu abadumile, abamncomayo ngomsebenzi wakhe uPhumlani Gumede oyi-content creator amnike iwashi njengesipho emuva kokwakhela ugogo wakhe indlu.

Esithombeni: Kuba nje uma eseshaya umsebenzi wakhe uBuhle
ElikaPhumlani iwashi liqoshwe ukuthi “Congrats on building ugogo a house, uyinsizwa“.

Esithombeni: Iwashi eliyisipho sikaPhumlani Gumede
Ungomunye wabantu abambalwa abasebancane abenza imisebenzi encomekayo emkhakheni wemfashini. Inani lamawashi akhe liqala ku-R600 uma ekuqophela igama olithandayo.
Ungaxhumana naye kule nombolo ka-Whatsapp ethi 076 039 0570.

