UMfu. Buthelezi utuse ukunikezwa kwemali engu-R139 million, komasipala abake babhekana nezinhlekelele eKZN
UMPHATHISWA womnyango wezokubusa ngokubambisana nezomdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, useshayele ihlombe isimemezelo esenziwe ngungqongqoshe walomnyango kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, oveze ukuthi kunomasipala abakulesi sifundazwe abazohlomula emalini engango-R139 million, ngemuva kokubhekana nezinhlekelele.
Lemali inikezwe omasipala abafaka izicelo becela ukuxhaswa ukuze bakwazi ukulungisa lapho kube nomonakalo khona. Kuzokhumbuleka ukuthi omasipala abaningi basale besenkingeni ngemuva kokuhlasela kwezikhukhula nezinye izigameko ezibashiye bedinga imali yokulungisa leso simo.
Le mali ababonelelwa ngayo izolekelela emiphakathini ekhahlamezwe yizimo ezahlukene iphinde iqinisekise ukuthi lapho kulimale kanzima khona imigwaqo kuyalungiswa, kulungiswe nengqalasizinda. Lemali iphinde ikhombise imizamo kahulumeni ezingeni likazwelonke yokulekelela isifundazwe iKwaZulu-Natal, esibhekene nomsebenzi wokulungisa umonakalo omkhulu okhona.
Ilabo masipala abalandelayo abazothola imali yesibonelelo:
- Umzumbe Local Municipality: R730,135
- Big Five Hlabisa Local Municipality: R13,500,000
- Umsinga Local Municipality: R7,000,000
- uMvoti Local Municipality: R5,000,000
- Mthonjaneni Local Municipality: R8,000,000
- Ulundi Local Municipality: R6,200,000
- Nquthu Local Municipality: R9,300,000
- eDumbe Local Municipality: R10,000,000
- Abaqulusi Local Municipality: R12,000,000
- uThukela District Municipality: R7,000,000
- Inkosi Langalibalele Local Municipality: R11,000,000
- eThekwini Metropolitan Municipality: R9,000,000
- Newcastle Local Municipality: R11,000,000
- Zululand District Municipality: R13,000,000
- Mandeni Local Municipality: R5,000,000
- eNdumeni Local Municipality: R4,300,000
- Mfolozi Local Municipality: R7,000,000
Umphathiswa uButhelezi uthe uyazibophezela ekutheni uzoqinisekisa ukuthi lemali isebenza ngokufanele, okungukuvuselela ingqalasizinda ukuze impilo ibuyele esimweni esijwayelekile emiphakathini.
*Umthombo iKZNCogta

