EzosaziwayoIzindabaUmculo

U-Fanatic SA ukhuza u-Mroza Fakude ngokweba umsebenzi wakhe

ICIKO lakuleli elenza umculo we-Afrosoul, u-Fanatic SA selizwakalise ukungenami kwalo ngesenzo somculi kamaskandi, uMroza Fakude sokweba umsebenzi walo.

U-Fanatic SA usole uMroza ngokuntshontsha imicu (lyrics) esengomeni yakhe ayenze ngo-2021 ethi Asikhulume.

Uthe uMroza usebenzise lemicu ngaphandle kokuthola imvume phecelezi emculweni okubizwa nge-copyright and intellectual property.

“Abaculi kufanele bezijwayeze ukuqamba noma becele imvume kozakwabo uma bethanda umsebenzi wabo”, kusho u-Fanatic SA.

Uqhubeke wathi ukuthi akazange athathe isinyathelo ngalokhu akusho ukuthi ugqugquzela ukuthi kusetshenziswe umsebenzi wakhe ngaphandle kwemvume.

“Kubalulekile ukuthi amaciko ahloniphe umsebenzi wamanye amaciko futhi alandele inqubo yasendimeni”, kusho yena.

Isihloko sengoma kaMroza akhala ngayo u-Fanatic SA sithi Wadikila Ikhaya.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMroza Fakude wanqoba umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM ngo-2016 ngengoma yakhe ethi Van Damme yehlula ezinye eyayincintisana nazo, ethi Wololo ka-Babes Wodumo nethi Ska Bhora Moreki ka-King Monada.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com