Uvulelwe icala elinzima uSenzo Mchunu
EMUVA kwesithangami sabezindaba lapho ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ededele khona amabhomu ngobudlelwane bukangqongqoshe wamaphoyisa uMnuz. Senzo Mchunu nezigebengu, kuse namuhla wamvulela icala.
Kulesi thangami ebesingeSonto enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini uMkhwanazi ubegqoke umfaniswano we-Special Task Force ekakwe abasizi bakhe, o-commander bezifunda namaphoyisa ophiko lwe-Special Task Force ne National Intervention Unit.
Usole uMchunu ngokuhlakaza uphiko obeluphenya amacala okubulawa kosopolitiki nokusebenzisana nezigebengu.
UMkhwanazi utshele abezindaba ukuthi kunephoyisa elinesikhundla esiphezulu emaphoyiseni elathunywa uMchunu ukuthi lithathe amadokodo amacala abucayi liwafihle ehhovisi lalo. Uthe lawo macala awasaphenywa selokhu kwathathwa lamadokodo.
Utshele abezindaba ukuthi akaphephile, wathi usebeke ithemba lakhe kulezimpiko ebezimgadile esithangamini sabezindaba ngeSonto. UMkhwanazi uqeqeshiwe ngaphansi kwazo lezimpiko futhi usebenze kuzo isikhathi eside.
Uthe u-Lt. Gen. Shadrack Sibiya igama lesikhulu esathatha amadokodo sayowagquma ehhovisi laso siyisekela likakhomishane wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fanie Masemola.
“Ahlezi ehhovisi lakhe alele izintuli”, kusho uMkhwanazi.
USibiya akazange aziphike lezinsolo. Uthe uzodedela konke uma esexhumene nabameli bakhe. UMchunu yena uthe lezindaba ezishaqisayo uzizwe ematasa ngakho usazothatha isikhathi sakhe ngaphambi kokuphendula.
Usihlalo wekomiti lomnyango wamaphoyisa ephalamende, uMnuz. Ian Cameron uthe zithusile izinsolo ezenziwe ngogqongqoshe wamaphoyisa. Uthe zibonise ukuthi uxovene umbutho wamaphoyisa.
Uthe umnyango wamaphoyisa uvame ukungaphumeli obala njalo mawubuzwa ngamacala obugebengu obuhleliwe.

