Usazotholoza ejele ontshontshe imininingwane kankosikazi kaSenzo Mchunu
UMLISA wase-Nigeria okusolwa ukuthi untshontshe imininingwane kamazisi kaNkk. Thembeka Mchunu ongunkosikazi kangqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz. Senzo Mchunu unqantshelwe i-bail izolo (ngoLwesine) inkantolo eMpangeni Magistrate’s Court. Inkantolo ithe uNdubuisi Okeke oneminyaka engamashumi amahlanu (50) akathembekile futhi uhleli kuleli ngokungemthetho.
Lo mlisa wantshontsha imininingwane kaNkk. Mchunu wavula ngayo izikweletu. “Ubufakazi obatholwa umphenyi wecala abuphikiswangwa ithimba labameli bakammangalelwa, kunalokho kuvele ofakazi abaningi abaveza into efanayo. Mina ngibona ukuthi akumele anikwe i-bail”, kusho imantshi.
UNkk. Mchunu uvule icala esiteshini samaphoyisa eMpangeni emuva kokuthola ukuthi unoxhaxha lwezikweletu futhi useze wavalwa ukwenza ezinye.
Uthole konke lokhu ezama ukuthenga imoto ngo-2022, lapho isicelo sakhe sokuyithenga ngesikweletu sanqatshwa emuva kokuvela ukuthi ungumuntu ongakhokhi.
Ube esenza uphenyo wathola ukuthi imininingwane kamazisi wakhe isetshenziswe umuntu othenge omakhalekhukhwini ababili ezitolo eziseGoli ngoMfumfu (October) 2022.
U-Okeke ube eselandelwa amaphoyisa waboshwa ngenyanga edlule.
Enkantolo kuvele ukuthi naye ungqongqoshe useke waba umgilwa wesigameko esifanayo. Uvule icala ngo-2023 laqulwa e-Johannesburg Commercial Crimes Court lapho kwakuntshontshwe khona imininingwane ye-card likamakhalekhukhwini. Umsolwa wayefonela abantu abacele imali.
Watshela inkantolo ukuthi abantu ababili anezinombolo zabo bamtshela ukuthi bafonelwe umuntu waboleka imali bamfakela kwi-account yasebhange abanikeza yona. Kwavela ukuthi umsolwa kuleli cala isiboshwa esitholoza ejele.