Ucasule abakamaskandi u-DJ Tira ngokuziqokela u-Limit emcimbini wakhe
BADINWE baveva abalandeli bomculo kamaskandi emuva kokuthi u-DJ Tira ethe abamnike igama lomculi kamaskandi abangathanda enandise emcimbini wakhe, i-Fact Durban Rocks ngoMgqibelo, mhlaka-5 Ntulikazi (July) 2025.
Lo mcimbi ka-DJ Tira use-People’s Park ngaseMoses Mabhida Stadium.
Okufake u-DJ Tira obishini ukufaka umbhalo ekhasini lika-Facebook ecela abalandeli bakhe ukuthi bebhale igama lomculi kamaskandi abangathanda enandise kulo mcimbi. Bawabhalile abantu amagama abaculi, okugqame igama likaMthandeni okuwuye ovele kaningi kwabaphawulile.
Emuva kwalokho u-DJ Tira esefaka omunye umbhalo obuhambisana nesithombe sokukhangisa umcimbi. Kulo mbhalo utshele abalandeli bakhe ukuthi uzofaka u-Limit kubaculi bakamaskandi, kwabe uzithinte izinyosi, zamtinyela.
Umbuzo obubuzwa kakhulu abalandeli ukuthi ubebabuzelani ukuthi afake bani uma ubevele esazi yena ukuthi uhlele ukufaka bani.
Omunye umlandeli ubhale iheheba lombhalo ekhala ngesenzo sika-DJ Tira.
“DJ Tira ngiyazi ukhona la ezingqweleni ngepokloza lakho, musa ukusixhaphaza ndoda!
“Umculo kamaskandi siwusebenzele kanzima ukuthi ungaxhashazwa nguwe. UMthandeni uma ekuqasha emcimbini wakhe i-Summer Experience akaze abhale ezinkundleni zokuxhumana athi kumele sivote. UKhuzani uma ekuqasha kuGcwalisa Spring Picnic akaze athi masivotele abaculi be-Kwaito okumele beqashwe kodwa uvele akuqashe ngaphandle kwamathizethize.
“Nakuma-Celebrity Games wakumema waze waba ukaputeni weqembu lakho leli elalidliwa njalo, nakhona wafike waxova namhlanje ayisekho leyo midlalo”, kusho lomlandeli obekubonakala ukuthi unyanyile.
Uqhubeke wathi: “Kulo mbhalo wakho lapho obuthi akuvotelwe umculi kamaskandi oyedwa ozomfaka ku-Fact Durban Rocks lokhu ngikubona njengokwedelela futhi inkulumo enokweyisa amabhinca nabo bonke abantu abathanda uMaskandi.
“Kahlehle umculo wethu uwubukela phansi, lento ephila ngokuncela amandla abanye abantu”.
Lo mlandeli uphethe ngokunxusa amabhinca ukuthi aphume entweni ehlangene no-DJ Tira.
“Asiphumeni kuye Mabhinca uyasixhaphaza”, kusho lomlandeli.
UMthandeni SK naye uphawulile embhalweni awufake ekhasini lakhe lika-Facebook ethi akanankinga nokuthi aqoke u-Limit kodwa bekumele abuze kuyena.
“DJ Tira mkhaya wami ngiyavumelana nesinqumo sakho sokukhetha umfana wami. Kodwa bekumele ubuze kumina kuqala njengeNkosi ephethe isizwe esikhulu #ezase Woolies. Bekufanele uzwe ngami ukuthi ngikupha bani kulabafana.
“Ngoba phela kucacela wonke umuntu ukuthi yimi onabalandeli abaningi kulomzila weqiniso.
“Ngokuzayo wobhasobha ndoda ziyokudla ngempela izimpisi zam kulomzila wami lona”, kusho yena.
Umculi we-Hiphop, u-Duncan ungomunye wababhale igama likaMthandeni, nakuba naye esolwe ngomunye umlandeli uxova umaskandi ngokuqoka lomculi. Kube nokuhilizisana phakathi kwabo u-Duncan ethi kulo mlandeli uma engamthandi uMthandeni akabhale igama lomculi othandwa uyena.