EZEMISAKAZOIzindaba

IGagasi FM libungaze ngesitayela iminyaka engu-30 u-Alex Mthiyane esemsakazweni

NGOLWESINE bekuwubukhazikhazi egunjini obekubungazwa kulo iminyaka engamashumi amathathu (30) u-Alex Mthiyane esemsakazweni. Zonke izikhulumi zigqamise iqhaza elibanjwe uMthiyane endimeni yezokusakaza nokuveza ikhono labanye abasakazi kuyona lendima.

UMthiyane ugqame emsakazweni ngesikhathi esebenza e-SABC lapho abenza khona izinhlelo zezindaba zomphakathi. Ubezwakala emsakazweni Ukhozi FM nasezinhlelweni zikamabonakude zezindaba.

Ngokuhamba kwesikhathi uyishiyile i-SABC wajoyina iGagasi FM ebeliyi-P4 Radio. Kulona iGagasi ubambe uhlelo lwasekuseni, i-Alex and the Morning Crew wanikezwa nesikhundla. Njengamanje wenza Indaba with Alex ngehora lesikhombisa (19:00) kusihlwa kuya kwelesishiyagalolunye (21:00) ebusuku.

UMinenhle Dlamini ongumphathi wesiteshi ubonge iqhaza elibanjwe uMthiyane kulo msakazo nendlela ama ngayo kulokhu akholelwa. U-Ayanda Melansi oyi-content specialist naye uhambe emazwini kaDlamini encoma nendlela akwazi ngayo ukuxhumana nabo abantu. Uthe intsha esakaza kulesi siteshi seyimbiza ngo-Ale.

Bekukhona nomlaleli omkhulu wohlelo lwakhe, uNtofontofo othe iyababazeka indlela uMthiyane aphatha kahle ngayo abalaleli. Uncome uhlelo lwakhe, nendlela akwazi ngayo ukunika abalaleli ithuba elilinganayo emoyeni. Intobeko anayo yenza kube mnandi ukumlalela. Uphethe ngokubonga uMthiyane ngokufika emngcwabeni kanina.

Ezibongela uMthiyane utuse kakhulu igama likaMtholephi Mthimkhulu athe nguye owamnika ithuba lokuba semsakazweni ngesikhathi eqeda ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme. Uthembise abebekhona ukuthi uzobhala incwadi mayelana nomsakazo kodwa ezogxila kakhulu ohlangothini lomlaleli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.