Ucuthele ukuthenga elinye iqembu Eswatini uMaMkhize
EMUVA kokumataniswa kuka-Shawn ‘MaMkhize’ Mkhize nokufuna ukuthenga iqembu elidlala ku-Eswatini Premier League (EPL), iMoneni Pirates, losomabhizinisi obephethe i-Royal AM sekuvele ukuthi ufuna ukuthenga elinye iqembu.
Izikhulu zeMoneni Pirates zazivele zishilo ukuthi iqembu lomphakathi leliya ngakho azinayo inhloso yokulidayisela umuntu wangaphandle. Abalandela izindaba zebhola Eswatini sebethole imibiko yokuthi uMaMkhize ucuthele ukuthenga iMbabane Highlanders enekhaya enhloko dolobha yakuleliyazwe.
“Impela uke wafika la Eswatini futhi sikholwa ukuthi uxoxile nabanikazi beqembu ukuthi athathe izintambo kuBheki Simelane okuwuye obengamele iqembu nge-season edlule.
“Khona kusaxoxwa kodwa kubukeka konke kuvuna yena. Sesilinde ukuthola umbiko ophelele thina”, kusho umthombo.
Yize umthombo usho nje kodwa kuputshuke ukuthi uSimelane akafuni ukulidedela leli qembu, akhala ngokuthi ulisindise ezembeni nge-season edlule.