Ubulawelwe ukubuza ngenkohlakalo umsebenzi kamasipala, Ekurhuleni Metro
USOCONGWE ngabantu abangaziwa ephuma emhlanganweni oshubile nezikhulu zikamasipala, Ekhurhuleni Metro uMpho Mafole (47) obesanda kuqashwa emnyangweni wabaphenyi kulo masipala.
Kunezinsolo eziqinile zokuthi ubulawelwe ukubuza ngenkohlakalo eyenzeka kumasipala. Ngokwemithombo, kuthiwa wayefuna incazelo ngezimali ezidliwa bume nenqwaba yama-invoice akhokhela izinkampani kabili ngomsebenzi owodwa.
Isidumbu sakhe sitholwe emotweni sinamanxeba amaningi okudutshulwa emgwaqeni u-R23 e-Esselen Park, eGoli ngoMsombuluko ngabo-18:00 kusihlwa.
UMafole ubenezinyanga ezintathu (3) eqashwe njengesikhulu esiphenya amacala athinta ukukhwabanisa izimali ngaphakathi Ekurhuleni Metro. Ngaphambi kwalokho sebenza iminyaka eyishumi nane (14) ehhovisi likamcwaningi mabhuku kuleli.
Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezintathu ezincane zamantombazane.
Okhulumela umndeni uTebogo Maphuti uchaze uMafole njengomuntu obezithulela njengoba ubengakaze athi impilo yakhe isencupheni kodwa wayehlala esho ukuthi lomsebenzi awenzayo manje unzima, ubeka konke kumdali.
Imeya kamasipala, ikhansela Nkosindiphile Xhakaza izwakalise ukushaqeka ngesigameko sokubulawa ngesihluku esinje kukaMnuz. Mafole.