Laphaya KwaDukuza mababukele ku-Dolly Govender
UMA ubheka izigameko zokungena nokuphuma kwabaholi kumasipala wakwaDukuza, enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali uzoqaphela ukuthi kunomholi oyedwa oseyibambe iminyaka ngaphandle kokubhekana nenselelo. Akukhumbuleki kunezinsolo ezibhekiswe kuye ezibambekayo ngokungaqutshwa kahle kwezinto kumasipala wakwaDukuza.
Ikhansela u-Govindammal ‘Dolly’ Govender usephile ingxenye enkulu yempilo yakhe esebenzela umphakathi waKwaDukuza ngaphandle kokuchaphazeleka kwegama lakhe embangweni wezikhundla, ekukhwatshwanisweni kwemali nokunye nje okuningi okubambezela intuthuko yomphakathi. Njengamanje u-Govender ungusomlomo kulo masipala okuyiwo wodwa ofaka enhle imali kulabo abangaphansi kwesifunda Ilembe.
Uzalwe kwabo beyisikhombisa (7), wafunda e-Ashram Primary School nase-Stanger Indian School esibizwa nge-Stanger Secondary School. Uyise wakhe ubengu-plumber esebenzela abantu endaweni okwenze kwaba nzima ku-Govender ukufundela ubumeli njengoba imali namathuba abengabonwa kwabomdabu waseNdiya ngezikhathi zobandlululo.
Uke wasebenza ezitolo ezidayisa ukudla nempahla yasendlini, kwathi ngo-1979 wasebenza esitolo sezingubo kwa-Bee Gee njenge-credit manager iminyaka engamashumi amabili nantathu (23).
UKUSEBENZELA ABANTU NOKUNGENA KWEZOMBUSAZWE
Kuthe ngo-1972 wangenwa uthando lokusiza abantu bangakubo ngezinkinga zenhlalo ababhekana nazo, wabe esejoyina i-ANC. Ngo-2002, inkampani i-Bee Gee iwile, wabuye washonelwa umfowabo nokube isigaba esinzima kakhulu empilweni yakhe.
“Ngaphatheka kabi kakhulu ukubhekana nazo zonke lezi ndaba kodwa akukho engangingakwenza kwakumele impilo iqhubeke njengabo bonke abesifazane nomama abakhulisa izingane ngabodwana”, kusho u-Govender okhulise amadodana akhe amabili (2) yedwa.
Emuva kwalokho enye yamadodana akhe ivule ibhizinisi le-pabel beaters wasebenza khona iminyaka emine (4) ngaphambi kokungena agxile kwezombusazwe.
Ngo-2006 uqokwe njengonobhala weziko laku-ward 19 khona KwaDukuza, kwathi ngo-2010 wangena emkhandlwini njengekhansela eliyi-PR.
Ngo-2011 kumthusile ukuqokwa iqembu lakhe i-ANC esikhundleni sikasekela meya, kusaphethe uMnuz. Ricardo Mthembu (ongasekho). Uphinde waqokelwa kulesikhundla ihlandla lesibili ngo-2016, ngaphambi kokwenziwa ibamba lemeya ngo-2019 okuthe ngo-2020 wafakwa esikhundleni sobu meya ngokugcwele.
Eseyimeya u-Govender ubonakale ephusha ukuthi kwenziwe izinto ngendlela eqondile futhi imali isetshenziswe kahle nokwase kuyinto eyayisihluphe isikhathi eside. Uphinde wasebenza isikhathi eside njengosomlomo kamasipala ngaphansi kwabaholi abehlukene. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini usebenze koLinda Nhanca odilizwe esikhundleni kwafakwa ikhansela u-Ali Ngidi naye obhekene nokudiliziwa emuva kwemibiko eminingi ebithinta ukuntshontshwa kwemali nokuxhaswa kwemicimbi engaqondakali kulo masipala.
Kusalindelwe ukuthi iqembu lizoqoka bani ukuvala isikhala esizovuleka mayegcina ephumile uMnuz. Ali Ngidi kwesobumeya. Nokho angeke kumangaze uma ubuholi be-ANC bungabuyisa u-Govender ukuhlenga lomasipala. Kuningi abaholi abasebancane abangakufunda ebuholini bakhe.