I-SACP ayisafuneki emihlanganweni ye-ANC yokuhlela ukhetho luka-2026
ISIVELE yashiphelana phakathi kwe-ANC ne-SACP emuva kokuba amakhomanisi ememezele ukuthi azongenela ukhetho lukahulumeni wasekhaya olungo-2026 ngokuzimela. Kwale noma abaholi bayo sebeboniswa yi-ANC ngomphumela ongemuhle ezobhekana nawo ngesinqumo sayo kodwa yama ngokuthi sathathwa kwinkomfa futhi ayigudluki .
Usekela nobhala jikelele wesibili ku-ANC, uNkk. Nomvula Monkonyane usephakamise esigungwini esiphezulu kuleli qembu ukuthi i-SACP ingabe isavunyelwa emihlanganweni yayo ebhunga ngokhetho.
ELimpopo sebeqalile ukukwenza lokhu njengoba kuxoshwe unobhala we-SACP esifundazweni, uChune Malebanehona emhlangangweni we-Provincial Election Team obubhunga ngamacebo nezinhlelo zokhetho luka-2026.
Okhethweni lokuchibiyela oluzoba ku-ward 13 eSeshego, i-SACP izongenela ukhetho ngokuzimela.
Kuthe ngempelasonto edlule uNkk. Monkonyane waxosha amalungu e-SACP emhlanganweni obusesifundazweni iMpumalanga nawo obubhunga ezokhetho.
I-SACP ngesikhathi imemezela ngesinqumo sayo sokuphuma ku-ANC yabalula ukuthi iqembu elibusayo ladayisa ngomzabalazo ngokusebenza namaqembu afana ne-DA, FF+ ne-IFP.