IzindabaUmculo

Uze nenye ingoma ezodansisa abantu uSmezi

Umculi othuthukayo kuleli, uSmezi usekhiphe olunye ulozolo lwezingoma ezizodansisa abantu kuleli hlobo.

Kulokhu usebenzisane nabaculi abaningi abasebasha endimeni yomculo.

“Ngizama ukuveza ikhono elisha endimeni yomculo”, kusho uSmezi.

Phakathi kwezinye izingoma azikhiphile kukhona ethi Baba Ngiyabonga nokuyiyo edlalwa kakhulu.

Ezinye zithi Owakho ne Bophelang Baka, acula kuzo nabaculi abafana no Details, Critical Saucey namaDemon.

Useqalile ukuhambela izindawo zobumnandi lapho ethokozelwa khona zinkumbi zabantu uma enandisa.

Ungalalela ingoma kaSmezi ethi Baba Ngiyabonga kule-link: https://slikouronlife.co.za/song/323574/smezi-feat-detail-and-critical-saucey-baba-ngiyabonga

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com