Uze nenye ingoma ezodansisa abantu uSmezi
Umculi othuthukayo kuleli, uSmezi usekhiphe olunye ulozolo lwezingoma ezizodansisa abantu kuleli hlobo.
Kulokhu usebenzisane nabaculi abaningi abasebasha endimeni yomculo.
“Ngizama ukuveza ikhono elisha endimeni yomculo”, kusho uSmezi.
Phakathi kwezinye izingoma azikhiphile kukhona ethi Baba Ngiyabonga nokuyiyo edlalwa kakhulu.
Ezinye zithi Owakho ne Bophelang Baka, acula kuzo nabaculi abafana no Details, Critical Saucey namaDemon.
Useqalile ukuhambela izindawo zobumnandi lapho ethokozelwa khona zinkumbi zabantu uma enandisa.
Ungalalela ingoma kaSmezi ethi Baba Ngiyabonga kule-link: https://slikouronlife.co.za/song/323574/smezi-feat-detail-and-critical-saucey-baba-ngiyabonga