Izindaba

Uzogwetshwa ngoNcwaba (August) ummeli owebe imali yekhasimende engu-R4.1 M ebivela ku-RAF

INKANTOLO iMpumalanga Specialised Commercial Crimes Court imthole enemacala amane (4) okuntshontsha imali obengummeli, uMantladi Jo-Anne Mmela (43). Ngesikhathi enza lamacala ngoNhlangulana (June) 2019 kuya kuNdasa (March) 2022 ubesebenza njengommeli enkampanini yakhe iMmela Attorneys.

Umsolwa ufake isicelo sesinxephezelo kwa-Road Accident Fund (RAF) egameni lamakhasimende akhe, asisebenze sagcina sikhokheliwe. Imali engu-R4.1 million ifakwe kwi-trust account yebhizinisi lakhe labameli.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi elinye lamakhasimende akhe ladalula ukuthi akaze alikhokhele imali yalo uMmela. Kube sekuqaliswa uphenyo oluholele eluboshweni kukamsolwa ngo-2022. Ube esenikwa i-bail agcine ephula imibandela yayo wabe esevalelwa ngaphakathi futhi ngoNhlolanja (February) 2024.

Ngesikhathi kuqulwa icala uwaphikile onke amacala abebekwe wona. Ummeli omkhulu wombuso, u-Advocate Henry Nxumalo ube eseveza ubufakazi obuqanda ikhanda obeyamanisa umsolwa naleli cala. Ube esetholwa enamacala amane kanti icala libe selihlehliselwa umhlaka-21 Ncwaba (August) 2025 ukuze kukhishwe isigwebo kuyona le nkantolo.

I-National Prosecuting Authority (NPA) isamukelile lesi sinqumo, ethe sizolekelela ekulweni nempi yokuqeda ukweba izimali zabantu abameli nokuyinto elimaza isithunzi salomkhakha wezomthetho.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com