Unekusasa eliqhakazile emculweni u-Alina Kwacha (16)
IBUKEKA inekusasa eliqhakazile intokazi esencane eyenza umculo we-RnB ne-Afro Soul, u-Alina Kwacha wase-Witbank eMalahleni.
U-Alina wenza izimanga emculweni ngezwi lakhe elimtoti kanye nomfutho awufaka uma enandisa. Ikhono lika-Alina libonwe uBusisiwe Lephoto onobudlelwano nomculi osezakhele igama emculweni uSmezi. Kuthe mayelalela umculo wakhe uSmezi wangachitha isikhathi wamfaka e-studio.
Baqophe ingoma ndawonye u-Alina, Smezi no H Flow e-Stebie Records ngaphansi kwabadidiyeli abavuthiwe emculweni o-King Gabhadiya no Deepza kwathi uSmezi. Zimbili izingoma esezikhishwe u-Alina kumanje ethi Bano Mona nethi Ngizolinda zombili azibhalelwe uSmezi.
U-Alina ubonge lonke ithimba asebenzisane nalo kulo msebenzi wakhe, ikakhulukazi uMam’ Stebie ngokukholelwa kuyena kanye noSmezi ngokumpheka ekubhaleni izingoma. Uqhubeke wabonga othisha nozakwabo esikoleni afunda kuso, eMkhabela High School ngokumeseka.
Le ntokazi ingeyokudabuka e-Vrede, e-North West kodwa isihlala e-Witbank eMalahleni Ext 11. Uhambo lwakhe nokuzinikela kwakhe emsebenzini womculo yikho okwenza kungangabazeki uthi uya kude emculweni.