UDkt. Andile Biyela uthintwe umsebenzi ka-Sir Xolo wodumo ku-Tiktok wanikela ngezinsiza-kufunda ekilasini lakhe
ISIZOFANA nomlando inkulumo yokufanisa ikilasi lika-Sir Xolo ngehostela emuva kokungenelela kukaDkt. Andile Biyela oyilungu lesishayamthetho saKwaZulu-Natali elimele i-IFP.
U-Sir Xolo ojwayele ukufaka ama-video ku-Tiktok efundisa isifundo sezibalo ngendlela ebandakanyayo futhi ejabulisayo kubafundi bekilasi lakhe bebanga lesibili (grade 2) usanda kuthola umyalezo komunye wabalandeli bakhe ofanise ikilasi lakhe nehostela. Njengokujwayelekile uDkt. Biyela uthe mayebona le-video wathinteka kakhulu wase enza imizamo yokuxhumana no-Sir Xolo ukuthola ukuthi angamlekelela kanjani.

Esithombeni: U-Sir Xolo echaza kabanzi ngosizo aluthole kuDkt. Andile Biyela
Uyaziwa uDkt. Biyela ngokuthanda ezemfundo, ukwelula isandla lapho kunesidingo khona nokuzehlisa axhumane nabantu bawo onke amazinga. Uxhumanile no-Sir Xolo emazisa ukuthi sekuyisikhathi eside elandela umsebenzi wakhe futhi angathanda ukulekelela ngokuthile kuwo.
“Emuva kokukhuluma no-Sir Xolo ukuthi singasiza ngani ukuphucula isimo sekilasi lakhe, usitshele ukuthi angadinga i-projector, white boards nama-laminators“, kusho uDkt. Biyela oziyele mathupha kulesi sikole ukuyonikela ngalezinsiza kufunda.
U-Sir Xolo uthe kuningi abafundi bakhe abazosizakala ngakho ngosizo abaluthole kuMnuz. Biyela. Uthe okumthokozise kakhulu ukubona uDkt. Biyela ehlala nabo kwaze kwaqedwa konke ukufakwa kwezinsiza kufunda abefike nazo nokuyinto angayejwayele kubaholi.
Kwenye yama-video akhe ku-Tiktok udalule ukuthi uke wacelwa omunye umlandeli obezwakalisa ukuthi angakuthokozela ukuthi lezifundo zakhe azenze ngolimi lwesilungu ukuze athole ukusizakala kwabanotho abangaluqondi ulimi kodwa wamazisa ukuthi inhloso yakhe ukufukula ingane yomuntu omnyama. “Angikwazi ukushiya ingane yomuntu omnyama ngithi ngenzela ukusizakala mina, kodwa kumele siwele sonke sesikhanyiselekile”, kusho u-Sir Xolo.
Uthe wayithola kubazali imvume yokufaka izingane zabo kuma-video awafaka ku-Tiktok. Ube esebonga kakhulu kuDkt. Biyela ophinde abe ngusihlalo wekomiti lezezindlu esishamthetho sase-KZN nakubo bonke abahlale bemlekelela emsebenzini wakhe.