Owe-Uber ukhala ngo-Babes Wodumo ogoloza ukumkhokhela R900
UTHI isimume emphinjeni indaba kaBongekile ‘Babes Wodumo’ Simelane umshayeli we-Uber u-Percy Bhengu okhala ngokukweletwa ilo mculi. Mayechaza uBhengu uthi wahambisa u-Babes Wodumo nodadewabo emicimbini ehlukene eThekwini kodwa sekuphele engakaze amkhokhele kwemibili amhambisa kuyo.
Uthe kunesikhathi lapho u-Babes Wodumo aboleka kuye imali yokuthenga ama-sanitary pads emuva kokumthembisa ukuthi uzomkhokhela kodwa wanyalala engamkhokhele.
Usole u-Babes Wodumo ngokubaleka nemali yakhe engu-R900 ehlanganisa ukumhambisa emicimbini emibili kanye nayibolekayo ngo-2019.
U-Percy uphahlaze lendaba ekhasini lakhe lezinkundla zokuxhumana, wathi wayethokozile ngesikhathi u-Babes Wodumo nodadewabo uNondumiso Simelane bemqasha ukuthi abahambise emcimbini othile owawuseThekwini nomunye owawuhlelwe u-DJ Tira, KwaMashu.
Uthe ngesikhathi ebahambisa okokuqala bakhokha inkinga yaqala esebahambisa ngosuku lwesibili.
Echaza uthe wabathatha e-Westville ebayisa lapho u-DJ Tira ayeqopha khona. Endleleni u-Babes Wodumo waboleka imali kuye imali yokuthenga ama-sanitary pad, emthembisa ukumkhokhela wase emnika.
Ngesikhathi sebefika, u-Babes Wodumo wathi angeke akwazi ukungena ngoba akayenzile i-make up futhi akagqokile ngendlela elungele umcimbi. Wabe esecela uBhengu ukuthi ambuyisele emuva kodwa emuva kwalokho akaphindanga wamkhokhela imali yakhe yokubahambisa nale ayiboleka.
Ebusuku bangalelo langa uBhengu uthe babuye bamfonela befuna abayise e-The Sails, eseShaka Marine. Wabahambisa enethemba lokuthi bazomkhokhela kanti akabuzanga elangeni, emuva kwalokho bavele banyamalala.
“Lutho ukukhokha, lutho ukubuyisa eyabolekwa, kwaphela kanjalo”, kusho uBhengu. “Ngalahlekelwa isikhathi, i-petrol nemali”.
Uthe imali engu-R900 ingabukeka incane kodwa kuye isho lukhulu. “Imali yami”, kusho yena.
Uphethe ngokuthi ukusebenza nosaziwayo kumandi kodwa okwenzeka wayengakulindele.