EZISEMATHENIIzindaba

Ixakwe isizungu Eswatini indodakazi kaZuma ebigane uMswati III yabuyela ekhaya

INKOSI uMswati III isithumele ithimba layo kwaDakwadunuse eNkandla, KwaZulu-Natali emzini kaMnuz. Jacob Zuma ukuyoxoxisana nabasekhweni ngokubuya kukandlunkulu omncane, uNomcebo Zuma oshiye emzini ekhala ngokuxakwa isizungu sokungamboni umyeni izinyanga zilandelana.

Ngokwesiko lase Eswatini uma kwenzeka inkosikazi inyamalala (kwemuka), kuthunyelwa kubo ithimba elivela ohlangothini lomyeni ukuxoxixsana nabasekhweni lakhe.

Ngokubika kwephephandaba lase Eswatini, iSwaziland News lolu daba lufihliwe endlunkulu kangangokuthi abasebenzi basehhovisi leNkosi abanalwazi ngokunyamalala kukaNomcebo.

Ebuzwa uMnuz. Percy Simelane okhulumela iNkosi ngalesigameko uthe akanalo ulwazi lokuthi undlunkulu wemkile esigodlweni. Uthe ngokwehhovisi lakhe yena ubhekene nezindaba ezithinta ukuvela kweNkosi emphakathini, hhayi izindaba zangasese.

“Anginalo ulwazi, ngokohlelo, ihhovisi engisebenza kulo alikapakeli empilweni yangasese yeNkosi, mina ngibhekene nempilo yakhe ethinta umphakathi”, kusho yena.
Akuseyona imfihlo nokho ukuthi kunethimba elithunyelwe eNkandla ukuzama ukulungisa lolu daba noMnuz. Zuma ongayingenanga indaba yabo, wabakhumbuza ukuthi wayevele engahambisani kwasekuqaleni, kodwa wagcina ehlisa umoya ngoba indodakazi yayingezwa mshini.

*Lolu daba lucashunwe ephepheni iSwaziland News

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.