ABANTUIzindaba

I-Black Coffee Foundation iqoqe R500k wokuzisa abakhahlamezwe izikhukhula eMthatha

U-DJ Black Coffee usekwaze ukuhlanganisa imali engaphezulu kuka-R500 000 nge-foundation yakhe ukuze afake esandla kwizisulu zabakhahlamezwa izikhukhula eMthatha e-Eastern Cape ngenyanga edlule.

Izikhukhula ezihlasele indawo yaseMthatha zishiye izakhamizi eziningi zingenamizi, ukudla nezidingo zansukuzonke empilweni.

Lo DJ ojatshulelwa naphesheya kwezilwandle uthe mayebuka umonakalo owenzekile, i-foundation yakhe i-Black Coffee Foundation nabalingani esebenzisana nabo kanye nabantu bomphakathi abasizayo bakha uhlaka olungalekelela imindeni ekhahlamezekile ngezinto ezibalulekile.

Esithombeni: U-Black Coffee

I-foundation ka-Black Coffee ihlangane ne-Feed The Nation, Hollywoodbets Foundation, Nando’s, Sompire, BidAir Cargo ne NGI Logistics Group baqoqa imali engaphezu kuka-R500 000 ukuze kunikezelwe ngezimpahla ezibalulekile kubantu okuhlanganisa ukudla, izingubo, okokuwasha nokunye.

“Lokhu kungaphezu kokusiza; ukubiza abanye abantu ukuthi benze okuthile ukuze sonke sibambe iqhaza elibonakalayo ukuseka imiphakathi yethu ngesikhathi sokwesela”, kusho udadewabo ka-Black Coffee, uLungie Maphumulo oyisikhulu esiphezulu se-Black Coffee Foundation.

“I-Eastern Cape ibalulekile kubantu abaningi abayibiza ngekhaya layo. Sithokoza kakhulu ukubambisana nabalingani bethu nakuwo wonke umuntu ofake isandla, wanikela ukuze kusizakale abantu. Ukubuyisela kubantu akusiyo nje kuphela into esiyenzayo, kodwa ilokhu esiyikho”, kusho uLungie.

Unxuse ezinye izinhlangano ukuthi zelule isandla nazo futhi zilekelele ngokusiza lemindeni isikhathi eside.

“Sikholwa ukuthi umehluko wangempela uzokwenziwa ukuzibophezela kwangempela. Lokhu esikwenzile akuwona nje umnyakazo odlulayo kepha kuwumgomo wethu ukwelula isandla lapho kunezinkinga khona futhi kunesidingo. Siyalazi ibanga elide elisazohanjwa imindeni yaseMthatha ngakho sifuna ukuhamba nayo”, kuphetha uLungie.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.