EZEMIDLALOIzindaba

UYISE UMDINGA EDLALA PHESHEYA MANJE URELEBOGILE MOFOKENG

UBABA kaRelebohile Mofokeng odlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSechaba Mofokeng uthi umfana wakhe usekulungele ukudlala kumaqembu amakhulu aphesheya abala kuwo i-FC Barcelona ne Real Madrid, kodwa uthi abajahe ndawo.

Sekunezinyanga kukhulunywa ngekusasa likaMofokeng kuleli futhi kusalindeleke ukuthi ajoyine elinye iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26, kodwa akukaveli lutho okusha. Njengoba sake sabika phambili lo mdlali ufunwa amaqembu ase-France, Belgium, Netherlands, Portugal na-Spain. Phambilini owayengumqeqeshi wamaZulu FC uPablo Franco Martin waveza ukuthi wathintwa wumqeqeshi we-Barcelona B embuza ngoMofokeng.

Emasontweni ambalwa edlule akukho okusha okuveleli ngaphandle kwezindaba zokuthi angase afunwe wu-Jose Riveiro kwi-Al Ahly, kodwa lo mqeqeshi wase-Spain washesha wazichitha lezi zindaba ethi akekho umdlali azozama ukumsayinisa ovela kwi-Bucs njengendlela yokuhlonipha Ezimnyama.

Uyise wakhe nokho uthi amaqembu asaqhubeka nokumthinta efuna ukumsayinisa.

“Wonke umuntu uyangifonela,” kusho yena engxoxweni ne-iDiski Times.

“Kwesinye isikhathi angikwazi ngisho ukudla. Ucingo lwami lukhala njalo. Kodwa asijahe ndawo. Siyakhule, lento ingesikhathi.

“Angisiboni isizathu sokuthi ahlale kuleli. Usekwenze konke…sifuna ukumbona eziphonsela inselelo kwenye i-league, nabadlali abasha, nengcindezi entsha. Engadlala noma yikuphi. Ngibala ngisho i-Barcelona ne Real Madrid lapho.

“Akasabi lutho, udinga ithuba nje”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com