UKUCIMA ISIBANI SOMUNYE AKUSIQHAKAZISI ESAKHO
KUYIQINISO ukuthi empilweni wonke umuntu ufisa ukubangcono. Siyazithanda izinto ezinhle futhi siyathanda ukunconywa nokuzuza uma senze kahle.
Inkinga iqala uma uziqhathanisa nabantu uze ugcine usunomona. Umona uyingozi ngoba wenza inhliziyo embi nokungafiseli abanye abantu izinto ezinhle.
Impilo ayikho ngawe uwedwa. Empilweni kubalulekile ukuthi sikwazi ukuphilisana singabantu. Kumele semukele ukuthi akulinganwa futhi amandla kawafani.
Izikhathi zethu zokuphumelela kuyenzeka zingafiki kanye kanye. Lowo izinto zakhe esezihlangana akmele bese ecabanga ukuthi wonke umuntu ongaphumeleli akazami. Kubi ukuthi umuntu ophumelelayo acindezele ongakaphumeleli.
Kukhona abantu abathanda ukuthi kuphumelele bona bodwa. Uma ngabe izinto zomunye sezihlangana babe nenzondo. Ezinye izitha esinazo yilezo ezibona sifika lapho zazicabange futhi zabheja ukuthi ngeke sifike khona. Khona abantu abangakujabulela mawenza kahle kodwa babe nenkinga uma sewenza kahle ukudlula bona.
Namuhla ngifisa ukuthi, noma ngabe uyawuzwa umona ukufikela kodwa ungavumi ukulawule. Umona uyafukuzisana ungazithola sewuzonda abantu abawusizo kuwe.
Endleleni yakho ebheke empumelelweni ungagibeli emahlombe abanye abantu. Ungabhidlizi izinto zabanye ngoba ufuna ukukhanda okwakho. Ungacimi isibani somunye ngoba ufuna kugqame esakho.
Ungayakhi impumelelo yakho ngezinyembezi zabanye abantu uyocwila kuzo ngelinye ilanga.
Impilo iyisondo elijikajikayo. Ikusasa alaziwa futhi ngeke wazi ukuthi omunye umuntu uzobe eyini ngomuso.
Masisijabulele futhi sisihloniphe isipho sempilo.
Njengoba sonke siphila lapha emhlabeni kumele senze umehluko. Lokhu kuyosiza izizukulwane ezizayo zifice umhlaba uyindawo engcono yokuphila.
Bashayele ihlombe abaphumelelayo bese unxusa uJehova ukuthi engakhohlwa yimikhuleko yakho.
Zifundise ukuncoma, ukubonga, ukusiza nokukwazi ukuphila nomunye umuntu.
Yebo singaphambana lapho nalapho ngemibono kodwa kufanele sibuye sidlule kulokho.
Qhakaza nawe ngendlela yakho nomunye naye ngokunjalo. Asilwele impumelelo nokuthi abantwana bethu bengaphili kanzima ngenxa yezinqumo ezingalungile esizithathayo.Ungavumi amaphupho akho ashabalale kalula.
Ukucima isibani somunye umuntu akusiqhakazisi esakho.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo