KWAKHALA NYONINI KU-MK PARTY?
IQEMBU i-MK Party eliholwa obengumengameli wezwe, uMnuz. Jacob Zuma lilokhu lisematheni ngezindaba eziphakamisa izinhlonzi. Nakuba kuyiqembu elithe malethulwa ngoZibandlela (December) 2023 labonakala liba nomfutho futhi laletha ithemba kwabaningi ngesimo sepolitiki yakuleli nokuthi kungaba noshintsho olukade lulindiwe emiphakathini yabamnyama kuleli kodwa okwenzeka manje kulahlisa ithemba.
Sizokuyeka nje okuye kwenzeka esikhathini esiphambili okuhlanganisa ukuxoshwa uMnuz. Sbongiseni Khumalo okuvele ukuthi uye owalibhalisa kwa-IEC, kuphinde kushiya ubuthaphuthaphu abaholi, abanye bexoshwa kodwa sizogxila kokwenzeka manje.
Muva nje, obengunobhala jikelele walo, uMnuz. Flyod Shivambu udalule ukuthi kunabaholi balo abacwile shi ezidakamizweni. Noma engachazanga ukuthi bangobani kodwa ngoLwesibili umkhulumeli we-MK Party uMnuz. Nhlamulo Ndlela uyalele abameli bakhe ukuthi bafake amaphepha enkantolo okufuna ukukhokhelwa uMnuz. Shivambu ngokumehlisa isithunzi, waphinde wafaka ezinkundleni zokuxhumana incwadi evela kudokotela wesikhungo segazi i-Lancelet Labolatory ebifakazisa ukuthi igazi lakhe lihloliwe latholwa lingenamyocu wezidakamizwa.
Ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba ngoLwesine olwedlule uMnuz. Shivambu waveza ukuthi akunqeni ukuvele kukhishwe imali engu-R7 million ngenyanga kuleli qembu.
Ngakolunye uhlangothi kuputshuke izinsolo ezithi indodakazi yakhe uMnuz. Jacob Zuma ike yantshontshelwa isigqoko okuthe kamuva kwavela ukuthi besiyonikwa abakhunkuli ukuze beyiloye. Kuthiwa lezinsolo zenziwe uMnu. Ndlela othe isigqoko lesi sithakathwe eMalawi. Kuzokhumbuleka phela ukuthi uMnuz. Shivambu uke waya eMalawi ngephasika lapho abonakala khona eyingxenye yonkonzo yebandla likamphrofethi uBhushiri.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana sebeyenza ihlaya le nhlangano ngokuthi kunezinyanga ezishaya umhlahlo kuyo. Kuthiwa enye yezinyanga ezikuleli qembu edumile uKhehlelezi okuwuye okuthiwa uhamba phambili ekukhulumeni izindaba zeqembu ezithinta ubuthakathi nokubhula. Abaningi sebeqagule ukuthi uye ozekela umengameli weqembu imibiko yobunhloli ebizwa nge-intelligent report nakuba singenabo ubuqiniso balokho. Kuthiwa uboniswa ngokomoya konke okwenzeka kuleli qembu. Ukwazi nokubona abathakathwayo.
Yena uKhehlelezi uke wenza u-live ethi kuzomele umengameli weqembu ahlakaze zonke izinhlaka ezikhona kuqalwe phansi.
I-MK Party yenze kahle kakhulu okhethweni lukahulumeni kazwelonke nowezifundazwe obelungoNhlaba 2024, kodwa yagcina ingakwazanga ukuba ingxenye yokwakha uhulumeni ngenxa yokubambezeleka kwezingxoxo. Amanye amaqembu abehluleka ukumelana nemibandela ebiza naleli qembu.
Ezinkethweni zokuchibiyela ezibe khona kuma-ward ehlukene emuva kokhetho luka-2024 akusabukeki izinombolo zihambisana nesikubonile. Asazi kwakhala nyonini kodwa kubhekiwe ukuthi njengoba kuza ukhetho lukahulumeni wasekhaya ngo-2026 izokwenza njani.