IZINSOLO EZISHAQISAYO ZOKUBA ISISULU SE-APP YEZITABANE KUKA MAKATHANGITHINI
KUSUKELA kuzwakale isigameko sokuthunjwa athathelwe yonke into yakhe usomahlaya waseThekwini, uSimthande ‘MakaThangithini’ Myeza kunciphile ukugitshelwa kwezimoto zakwa-Bolt ezikhokhelwa ngebanga.
Ngesikhathi umndeni wakhe ukhipha isitatimende ngalesi sigameko wazise umphakathi ukuthi uthunjwe umshayeli wenkampani yakwa-Bolt emuva kokucela ukulandwa e-Berea njengoba kukhona ayematasa ngakho kuleyandawo.
Ukuphazamiseka kwebhizinisi lale nkampani kuyinyakazisile yenza olwayo uphenyo, okungayifikisanga ndawo. Futhi akukho okuyiholele esigamekweni sokuthunjwa kukaMyeza.
Ngokwesitatimende somndeni uMyeza wacela ukulandwa imoto yakwa-Bolt e-Berea emuva kokuba matasa ngokuthile. Nebala yafika nokuthe besasendleleni, yashintsha indlela wase ebuzisisa ngalokhu. Wayimisa umshayeli kwase kuthushuka amadoda amabili amnyama ngebala athatha umakhalekhukhwini wakhe futhi athatha yonke imali ayenayo ku-account yasebhange esebenzisa i-app. Emuva kwalokho abe esemgumulisa wanqunu, ethi akawadansele emqopha i-video. Nebala wenza njengokuyalelwa.
Abese esembuza ikheli ahlala kulo, wawatshela asethi uma eke washo ukuthi kwenzekeni azofika la ahlala khona awukhombe umuzi onotshwala.
Kwabikwa ukuthi sekuvulwe icala esiteshini samaphoyisa esiseduze.
Muva nje sekuvele izinsolo ezishaqisayo ukuthi wahubhuza uhubhu kaBhejane losomahlaya oke wasakaza esiteshini samakholwa esikwaSizabantu, kwaMaphumulo, i-Radio Khwezi. Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kuhlanganisa ne-Blogger, uSphesihle J Hadebe bebelokhu beshaya amakhala ngalesigameko sokuthunjwa kukaMyeza abe-Bolt. Abanye bebemsola ngokujola ekucasheni nabesilisa okumenze washintsha udaba ukuze kungaveli iqiniso ngaye.

Esithombeni: Umbhalo osezinkundleni zokuxhumana ochaza ngesigameko sokuthunjwa kukaSimthande Myeza

Esithombeni: Umbhalo osezinkundleni zokuxhumana ochaza ngesigameko sokuthunjwa kukaSimthande Myeza
Kuvele ukuthi kune-dating app ebizwa nge-Grinder yokuhlanganisa abesilisa abathandana benobulili obufanayo nobabo abadume ngokuthi ‘izitabane’ abafuna ukwakha ubudlelwano. Kuthiwa asephelile amadoda ahanqazela amanye ethunjwa futhi ebanjwa inkunzi uma sekubonanwa njengoba indaba ixoxwa iphele kule-app.
Omunye wesilisa obe isisulu sokuthunjwa kwi-Grinder UMKHAYA omzwile echaza udaba lwakhe, uthe yena kuthe sebexoxe baqeda wase eya endaweni okwakuthiwe kuzohlanganwa kuyo. Uthe lendawo yayibukeka njengehhotela noma i-BnB. Esefikile walinda ezansi, kwabe sekuqhamuka owesilisa ongafani nalo abekhuluma naye. Noma wathuka kodwa waziqinisa ngokuthi uzozwa ukuthi ngabe uphi abekhuluma naye. Banyukile nalo obemlandile baya egunjini elithile, okwathi beqeda kungena nje kulo kwabe sekungena abanye besilisa ababili bamyalela ukuthi agumule izingubo abadansele.
“Ngabona lapho ukuthi kwangehlela ebengihlezi ngizwa ngakho nge-Grinder kodwa ngaziqinisa”, kusho yena.
Uthe bayiqopha i-video base bethi bafuna imali engu-R2000, uma bengayitholi bazoyisabalalisa kubantu abamaziyo.
“Ibona futhi ababebuza abantu kumakhalekhukhwini wami ukuthi bangobani, bese bezenza mina becela imali”, kuqhuba yena.
Uthe nakuba ingahlangananga imali ababeyifuna kodwa bamyeka sebezame behluleka nabo.
Uma sibuyela odabeni lukaMyeza, abe-Bolt bazwakalise ukunengeka ngokuthi asenge ezimithiyo ngoba efuna ukudatshukelwa esebenzisa igama labo.
UMKHAYA uthole ukuthi bazomthathela izinyathelo zomthetho yena namakhasi akhe ezinkundla zokuxhumana okufakwe kuwo izitatimende zomndeni, ele-Tiktok nele-Facebook.
Imibiko evele kamuva ithe uMyeza usasekubhaceni njengoba esabela impilo yakhe.