EZISEMATHENIIzindaba

I-ANC IMCHITHILE UZANDILE GUMEDE ETHEKWINI

USHAWE ngesithende obengusihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini, uNkk. Zandile Gumede njengoba ubuholi besikhashana baKwaZulu-Natali bumkhiphile kwavalwa isikhala sakhe ngesigungu esiholwa owayengumphathiswa womnyango wemali KwaZulu-Natali, uNkk Belinda Scott.

Lokhu kugqame ngoLwesibili ngesikhathi uMnuz. Jeff Radebe kanye noMnuz. Mike Mabuyakhulu bememezela izinhlaka ezizobamba isikhashana ezifundeni zikaKhongolose ukulungiselela ukhetho lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya kanye nezinkomfa.

UNkk. Belinda Scott okewaba iphini lemeya eThekwini uqokelwe esikhundleni sokuba ngumgcini mafa kanye nomakadebona uMnuz. Don Gumede ozodidiyela iTheku.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba kuputshuke uhla lwabaholi abazohola izifunda ezahlukene eKZN ze-ANC njengoba le nhlangano izama ukuzihlela kabusha ukuze ibuyise isuthunzi sayo.

UNkk. Gumede yena akazange esalibona elidlalayo njengoba bekunguye usihlalo obesephethe ihlandla lesibili yize ubengaphansi komgomo weqembu obizwa nge-step aside.

Uchithwa nje kuthe ngonyaka owedlule kwakhalwa ngokuthi abaholi bakaKhongolose bamxhaphazile bayomkhankasisa maqede bamkhipha ohlwini oluya ephalamende base befaka esikhaleni sakhe obengumholi wentsha i-ANCYL, uNksz. Sizophila Mkhize.

URadebe uthe lokhu abakwenzayo ukufaka zonke izinhlaka zabo abaholi abazobamba ukuqinisekisa ukuthi inhlangano ibuyisa isuthunzi sayo futhi iqinisa ubudlelwano bayo nabantu emazingeni ehlukene ukuze kuyiswe intuthuko emphakathini.

“Esifundeni iTheku sifake umakadebona kwezombusazwe uMnuz. Don Gumede bese kuba uNkk. Belinda Scott owaziwa ngobuqotho futhi waphinda waba iphini lemeya yaseThekwini”, kusho uRadebe.

Esifundeni i-Moses Mabhida kufakwe uMnuz. Zet Luzipo oyinkakha kwezezinyunyana nowadlala indima enkulu ekutheni i-ANC inqobe ngamalengisho okhethweni lwangonyaka ka-2009 KwaZulu-Natal.

Kwezinye izifunda kuthiwa kumele e-Harry Gwala kuqokwe uNkk. Cynthia Ntabeni, uMnuz. Zamo Nxumalo, uMnuz. Amon Zondi uMnuz Qiniso Mnguni noNkk. Sindisiwe Msomi.

EMbuso Kubheka kuqokwe uNkk. Jabu khumalo, uMnuz. Chris Mhlophe, uMnuz. Sbonelo Mtshali uNksz. Ningi Gama noMnuz. Mduduzi Hlatshwayo.

EMusa Dladla kuqokwe uMnuz. Elphas Mbatha, uNksz. Nomnotho Lembede
UMnuz. Mthokozisi Dlamini uNksz. Phiwe Mhlongo noMnuz. Madanga Xulu.

Esifundeni iTolomane Mnyayiza kuqokwe uNkk. Dixie Nciki, uMnuz. Mondli Chiliza, uMnuz. Nkazimulo Mavundla, uNkk. Winnie Mqadi noMnuz.
Zero Mqadi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.