EzosaziwayoIzindaba

UZEE NXUMALO UCHAZA NGOKUKHIPHA INYUMBAZANE UTHEMBI SEETE KUSHUTHWA

UMCULI we-Piano, u-Zee Nxumalo ugcine ebhobokile wachaza ngesigameko abonakale kuso yena noNaledi Aphiwe bekhipha inyumbazane inkakha yomculi ophinde abe umlingisi, uThembi Seete ngesikhathi bethwebula izithombe.

Kune-video esisabalelele ezinkundleni zokuxhumana okubonakala kuyo labaculi bethwetshulwa izithombe ngemuva kwendawo obekuqhubeka kuyona umcimbi okungacaci ukuthi bekungowani. U-Zee ubonakala eziba uThembi futhi emphebeza ngesikhathi kuthwetshulwa lezithombe kanti bekunohlelo lokuthi bebonakale beyimbumba. Abantu abayibonile le-video ezinkundleni zokuxhumana bebephawula ngayo, besola lo mculi osemncane ngokutshengisa ubuhlaza futhi nokuhluleka ukukhombisa inhlonipho kwinkakha endimeni yomculo eNingizimu Afrika.

Akabange esachitha sikhathi u-Zee ube esebhala ekhasini lakhe ku-X eziphendulela. Uthe lento ebonwe abantu akuyo lena eyenzekile, kunokungaqondi. Emuva kwalokho ubuye wafaka isithombe sakhe enza i-selfie ebhale ukuthi: “Inkinga nje yokungaqondi”.

Nokho umbhalo wakhe ku-X awuzange uwubhule umlilo obusuvutha ubuhwanguhwangu. Abantu baphendulile, bezwakalise ukuphoxeka ngalokhu abakubonile futhi ahlulekile ukukuchaza.

“Ubuntu kuyokubeka kude wengane. Kodwa okwamanje lendlela embi oziphatha ngayo izokuyisa eweni”, kusho omuye umlandeli.

“Shame, nana, usakhula. Ungayenzi leyonto kubantu abazinkakha. Kusanohambo olude olukuhlalele”, kusho omunye umlandeli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.