ABANTUEZIKAMABONAKUDEIzindaba

USHEBA IKHONO LOKULINGISA NEMFUNDO UNOLUTHANDO WESHAKA ZULU 2

UBUKEKA enekusasa eliqhakazile kwezokulingisa uNoluthando Shabalala (21) waseMthwalume, kodwa osezinze eGoli kulezinsuku, obonakale okokuqala elingisa emdlalweni omkhulu wethelevishini oshisa izikhotha eNingizimu Afrika kulezi nsuku uShaka iLembe 2. UNoluthando kulo mdlalo ulingisa indawo kaSihle.

Lo mlingisi enkulumeni ekhethekile nentatheli yoMkhaya, emcimbini wokumkhulisa kwakhe kanye nokubongwa ukuziphatha azigcine eyintombi nto nokuyilapho ethole nesitifiketi kwabamuhlolayo, ubalule ukuthi ukuqonda impilo yasemadolobheni neyasemakhaya kumsizile ukungena khaxa endaweni ayilingisayo.

Uveze ukuthi uqeqeshekile ngokwempilo ukumelana nezimo ezehlukene aseke wabhekena nazo njengoba ekhulele eMlazi futhi ebuye avakashele eMthwalume lapho kuzalwa khona unina.

UNoluthando uqale amabanga aphansi eSiphingo Primary, wadlulela eMowat High nokuyilapho ephothule khona umatikuletsheni.

Uthe uthando lokulingisa lokheleke kuyena njengenhlansi ngo-2022 njengoba engumuntu obekhonze kakhulu ukumodela. Uthe ukwanda kothando lokulingisa kuye kwamnqamulisa izinkalo wazithola esefundela lo mkhakha e-Actors Space eGauteng ngo-2023. Ukujula kothando lokulingisa kuye kumdlulisele kwesinye isikhungo salo mkhakha i-AFDA wafike wacijwa kabanzi ngezamafilimu nokudidiyelwa kwemidlalo yethelevishini.

Esithombeni: UNoluthando kwesinye seziqephu zomdlalo iShaka Zulu 2

iUthe umanda ngaphakathi owuthando lwezokulingisa umnike isibindi sokuhambela inhlolokhono yomdlalo uShaka iLembe eyayenziwa eGauteng.

Uthe ngesikhathi esendleleni ebuyela eThekwini ehamba ngebhasi esuka kwinhlolokhono wathola ucingo oluvela komunye wabadidiyeli bomdlalo ethi akabuye. Uthe wachaza ukuthi usesendleleni ebheke ekhaya, babe sebevumelana ngokuthi nakanjani angaphuthelwa yisigcawu saseThekwini ngoba nakhona kusazokwenziwa uhlelo olufanayo lokuthungathwa kwabalingisi beShaka iLembe 2.

Uveze ukuthi wenza isiqiniseko sokuthi uyayihambela inhlolokhono yaseThekwini nebala bafike bachazeka yikhono lakhe, bamthatha kulo mdlalo.

Le ntokazi iqhube ngokuveza ukuthi maningi amathuba asevelile njengoba kumanje iqopha omunye umdlalo owenziwa i-Netflix lapho idlala khona enye indawo ephambili.
“Okwamanje akukuningi engivumeleke ukukudalula ngomdlalo engiwuqopha kwi-Netflix. Kepha ngithi abantu mabalinde lukhulu luyeza,” kusho uNoluthando.

Uthe uyafisa ukuzibona eminyakeni ezayo esefana nabalingisi abayisibonela kuyena abafana noNomzamo Mbatha, adlala naye kuShaka iLembe 2, kanye noThuso Mbedu wakuleli osezenzele udumo kakhulu phesheya kwezilwandle.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.