ABANTUEzosaziwayoIzindaba

“NOMA SENGINGAFA NGIMENZELE KONKE UGOGO” – PHUMLANI GUMEDE

UBONGE uNkulunkulu ngakho konke amenzele khona uPhumlani Gumede oyi-content creator emuva kokuthenga imoto entsha sha. UPhumlani uqale ngoMgqibelo ukufakela abalandeli bakhe izithombe zemoto yakhe isamboziwe e-garage elidayisa izimoto.

Emuva kwalokho izithombe zayo bese zisabalele emakhasini amaningi ezinkundleni abalandeli bakhe bemfisela okuhle futhi bembongela ngokuthenga imoto entsha.

Ezithombeni abelokhu ezifaka emakhasini ubelokhu ebonge njalo uNkulunkulu ngokumupha amandla okwenza izinto ayefisa ukuzenzela ugogo wakhe esaphila.

“Noma sengingafa manje, ugogo ngimenzele konke”, kusho uPhumlani.

Ngaphambi kokuthenga imoto, uke wenza u-live ku-Facebook waveza ukuthi izinto eziningi abefisa ukuzenza empilweni usezenzile nakuba zingakapheleli kodwa okuningi usekwenzile

Esithombeni: Ugogo esemotweni entsha kaPhumlani Gumede

Uthe uNkulunkulu usebenza isikhathi esengeziwe empilweni yakhe. Uqhubeke wathi ngisho ngabe uyahamba emhlabeni noma kuhambe abazali bakhe kuqala, kodwa kukhona okuyokhonjwa ngaye ukuthi nakhu akwenza.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNhlaba (May) 2025 uPhumlani ubevula indlu kagogo wakhe ayakhe ngesikhashana nje esifushane emuva kokwazisa abalandeli bakhe ukuthi unesifiso sokwakhela ugogo wakhe indlu ezoba sesimeni esikahle kunale abehlala kuyo. Njengokujwayelekile abalandeli bakhe basukumele phezulu, beseka isifiso sakhe ngemali nangezimpahla zokwakha.

Komunye umbhalo ku-Facebook uPhumlani ubonge ingoduso yakhe, uSisanda Dube ngokumeseka njalo.

Kwi-video yakamuva ugogo kaPhumlani ubonge kakhulu wabe esekhuthaza umzukulu wakhe ukuthi athandaze ngasosonke isikhathi.

Impumelelo kaPhumlani kufanele ukuba ithumele isifundo kontanga yakhe ukuthi impilo emnandi kwesinye isikhathi iyazatshalazelwa. Sekunesikhathi eside uPhumlani ehlanganisa lomsebenzi awenzayo. Ngakho okwenzeka empilweni yakhe akuphakamisi izinkophe, kumfanele.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.