EzosaziwayoIzindaba

BACELA UKUNIKWA ITHUBA LOKUHLUKANA ‘KAHLE’ ABALINGISI

BASAMANGELE namanje abalandeli babashadikazi, uHungani Ndlovu noStephan Sandowns-Ndlovu emuva kokuthi ngeSonto bekhiphe isitatimende ndawonye becela ukunikwa ithuba lokuqhuba kahle uhlelo lwesehlukaniso emuva komshado wabo obusudonse iminyaka emihlanu (5).

Batshele abalandeli babo ukuthi banomthwalo wokukhulisa kahle indodakazi yabo.“Sizimisele ukubonakala njengabantu ababambisene phambi kwendodakazi yethu enhle, ukumkhulisa ngendlela efanayo, akufunayo nenjabulo abeyijwayele ayithole.

“Siyathokoza ngothando enisiphe lona, ukuseseka enisikhombise khona ikakhulukazi ohlelweni iNdlovu’s Uncut. Ngalesikhathi esinzima esibhekene naso sicela nisiphe isikhathi sokuba ngasese, nesikhathi sokubhekana nezinkinga zethu”, kusho isitatimende sabo.

Ubudlelwano babo bebugqamile futhi busemehlweni njengoba bebehlale njalo bebonakala bendawonye futhi bethokozile, kwaze kwaba kuqala ukuba muncu.

Emuva kokuvela kwezindaba zokuhlukana kwabo abalandeli babo baphawulile ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuthuka, ukuphoxeka nokubeseka. Abanye bebefaka ama-video abo amadala, bethi kwakuvele kubonakala ukuthi kunezinkinga kulobudlwelane babo.

Kune-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, okuvele kuyo uHungani ethi ubenengcindezi enkulu kulo mshado wakhe nomakoti wakhe.

U-Stephan yena ukhulume ohlelweni lwe-podcast alwenza no Petronella Tshuma oluthi Friendship Frequency wathi: “Engikwaziyo futhi enginesiqiniseko sakho ukuthi angisoze ngaba ngedwa futhi angikaze ngibe ngedwa, ngaphezu kwalokho angikaze ngizizwe ngingedwa”, kusho yena.

“Ngoba ngisho esishozini esinjani okungaba esobuhlungu, ukhwantalala noma yini nje, bengilokhu ngincike ekwazini ukuthi uNkulunkulu unami njalo”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.