ABATHANDANA BENOBULILI OBUFANAYO BENGABATHOLA ABANTWANA ABANOFUZO LWABO
EMUVA kokuthi ngesonto eledlule sifake udaba lo msubathi u-Caster Semenya nonkosikazi wakhe, u-Violet Raseboya sibika ukuthi bajabule othandweni labo futhi babusiswe ngabantwana ababili (2) kusuke omkhulu umsindo abantu bebuza ukuthi lokhu kungenzeka kanjani njengoba laba benobulili obufanayo.
Kulolu daba asiqondile ukuzenza osiyazi bezempilo kodwa sihlose ukuphendula umbuzo ovele odabeni esikhulume ngalo ngenhla.
Kuleminyaka lapho sekwande ubuchwepheshe sekulula ukuba izithandani ezingabatholi abantwana zikwazi ukubenza futhi babe nofuzo lwazo. Kungafani nesikhathi esedlule obekugcina ngokuthi izithandani zifake izicelo ezinhlanganweni ezigcina abantwana abalahliwe.
Bekwenzeka futhi ukuthi izithandani zithole abantwana kumalungu omndeni ahlulekayo ukubanakekela noma uma kwenzeka kushona abazali bobabili.
Lokhu kuyefana nakulaba abathandana benobulili obufanayo. Lezi ngezinye izindlela nabo abebekwazi ngazo ukuba nabantwana. Nokho namuhla sekuthe ukuba noshintsho ngokuthuthuka kobuchwepheshe.
Izindlela zokuthola abantwana kwabathandana benobulili obufanayo kungaba ilezi ezilandelayo;
1. Adoption/foster care: Bengasebenzisa lendlela yokuthola abantwana kubazali abahlulekayo ukunakekela abantwana babo, abashonelwe abazali, abalahliwe nokufaka izicelo ezihlanganweni ezigcina abantwana.
2. Surrogacy: Bengacela owesifazane abamaziyo noma abazomkhokhela abathwalele umntwana esibelethweni sakhe. Lowo mntwana angaba nofuzo lwabo uma kungabesilisa. Abesifazane bona bengacela owesilisa abamaziyo abasize ngesidoda sakhe noma basithenge.
3. In vitro fertilization (IVF): Lapha bengathola umntwana ngokusebenzisa iqanda lowesifazane nesidoda sowesilisa ababaziyo noma abakhokheliwe okukhuliswa ngobuchwepheshe bezinga eliphezulu okubizwa nge-assisted reproductive technology (ART) kuze kufike esigabeni sokuzalwa komntwana.
4. Co-parenting: Bengakhulisa ndawonye umntwana womunye wabo noma abantwana babo ababathole kobunye ubudlwelano.
UBUNGOZI NEMIBANDELA YOMTHETHO
Njengoba sazi ukuthi ayikho into engenabo ububi bayo, kuzo lezi zindlela esizibalile bukhona ubungozi njengoba ezinye zazo njenge-adoption/foster care abazali bengazifuna izingane zabo ngokuhamba kwesikhathi kwazise phela ziyigazi labo zinofuzo lwabo. Kubantu abamnyama kuyinto engajwayelekile kwazise indlela abaphila ngayo incikene kakhulu nemimoya nosikompilo olujulile.
Kunento ebizwa nge-traditional surrogacy lapho owesifazane engacelwa ukuthwala umntwana esibelethweni sakhe aze azalwe. Le ndlela siyichazile ngenhla, okubi ngayo ukuthi nayo owesifazane uyakwazi ukunikela ngeqanda lakhe ukuze kukhiqizeke umntwana. Ngaleyo ndlela naye owesifazane onikelayo uba nofuzo lomntwana futhi abe nokuxhumana naye ngokomoya. Lokhu kungenza ngokuhamba kwesikhathi kube nesidingo sokuthi abuye abe nokuxhumana kwenyama nomntwana.
Ezinye zazo futhi izindlela lezindlela njenge-adoption/foster care ne surrogacy zingaphoqa ukuthi kusayinwe amaphepha athile ezomthetho ukuze kugwenywe izinkinga ezingavela esikhathi esizayo. Ezinye zazo esizibale ngenhla.
Kwi-IVF kusetshenziswa izikhuthazi kanye nezivundiso ukusiza iqanda lowesifazane ukuthi likwazi ukubamba. Konke lokho kungadinga ukuthi kube namaphepha ezomthetho asayinwayo njengoba owesifazane engazithola esengcupheni yezempilo ngenxa yokuqala uhlelo umzimba wakhe ongalujwayele.
Ezinye zalezi nhlelo i-surrogacy ne IVF kunamathuba okuthi zingaphumeleli uma owesifazane enezinkinga zezempilo noma kube nezinselelo ngobuchwepheshe obusetshenziswayo.

Esithombeni: U-Caster Semenya nomkakhe u-Violet Raseboya namadodakazi abo amabili
Phesheya kwezilwandle bakhona abantu abadumile abathandana nabanobuilili obufana nobabo abakhulise ndawonye abantwana. Phakathi kwabo o-Elton John no-David Furnish – abanabantwana ababili (2), Neil Patrick Harris no David Burtka – abanabantwana ababili, bonke ababathole nge-surrogacy.
Lapha eNingizimu Afrika, uSomizi Mhlongo ubekhulisa indodakazi yakhe, uBahumi nobengumyeni wakhe uMohale Motaung. U-Caster Semenya nomkakhe u-Violet Raseboya bakhulisa amadodakzi abo amabili abawathola ngohlelo lwe-articial inseminationu lapho kuthathwe isidoda sowesilisa safakwa eqandeni likaRaseboya ukuze akhulelwe.
UThishiwe Ziqubu ubekhulisa indodakazi nowesifazane abengathandi aziwe ngoba engayithandi igqamu (attention).