UZANDILE TEMBE WAQASHA U-SELBYONCE OKHOZINI NGENXA YOBULILI BAKHE
UDALULE isizathu esingajwayelekile esamenza waqasha u-Selby ‘Selbyonce’ Mkhize kuKhozi FM owayengumphathi wezinhlelo kulo msakazo, uZandile Tembe ngesikhathi evalelisa lo msakazi ohlelweni lwakhe lokugcina ngoLwesithathu ntambama.
U-Selbyonce ubeshayela uhlelo lwakhe lokugcina ngemuva kokuthi Ukhozi FM lukhiphe isitatimende lumemezela ukuthi uyahamba, okuthe emuva kwesikhashana kwavela ukuthi ujoyina umsakazo ose-Cornubia, iGagasi FM.
Ohlelweni lokuvalelisa u-Selbyonce abaphathi uLwazi Mthabela ongumphathi siteshi noMandla Mdletshe oyibamba lomphathi wezinhlelo bamfisele okuhle lapho eya khona. Bambonge ngokusebenzisana kahle naye baphinde bamncoma nangokusebenza ngokuzimisela nokuthanda umsebenzi wakhe.
Khona ohlelweni kuthe uTshatha obesebenza no-Selbyonce esakhumbula izinsuku zokuqala esebenza naye kwavele kwatheleka uZandile kungazelele muntu, naye obezothi “ndlelanhle” njengoba eshiya kulo msakazo.
UZandile ukhumbule isizathu esamenza waqasha u-Selbyonce kulo msakazo. Uthe waqala wahlangana naye komunye umcimbi ngaphambi kokuthi u-Selbyonce amfonele wabe esethumela i-email ene-demo yakhe esakaza. I-demo yokuqala ka-Selbyonce ayeyithumelele uZandile izwakale okokuqala kulo msakazo lapho ayezwakala eshibilika ngolimi lwesingisi kuyona.
UZandile uthe nakuba u-Selbyonce ayeshibilika ngesingisi kwi-demo kodwa wakhombisa ithalente nomfutho ofanele ukuba semsakazweni. Uveze ukuthi zimbili izinto ezimqoka ezamenza wakhetha ukuqasha u-Selbyonce kulo msakazo njengoba ebalule ikhono lakhe lokusakaza kanti okunye akuvezile wukuthi wayemele uhlangothi lwabantu abathile abaphila eNingizimu Afrika futhi abanelungelo lokumeleleka emsakazweni womphakathi.
UZandile uphinde wabonga noTshatha ngokwamukela umbono wabaphathi ababenawo ngesikhathi beqasha u-Selbyonce kulo msakazo. Uveze ukuthi ukusebenzisana okuhle phakathi kwalaba basakazi yikhona okwenze ukusebenza kwabo kwaba nomlingo kwaletha nempumelelo emsebenzini wabo.
UZandile ufisele u-Selbyonce okuhle njengoba eseyoyibamba komunye umsakazo wamnxusa nokuthi aqhubeke nokuziphatha kahle lapho eyakhona.