EZEMFUNDOIzindaba

BAPOTOZWA AMABELE NGAPHAMBI KOKUBHALA IZIVIVINYO ABASE NIGERIA

BAYAPHOQWA ukuthi bavume ukuthintwa amabele abafundi besifazane e-Nigeria ukuze kubonakale ukuthi ngabe bazigqokile yini izingubo zangaphansi ezisitha amabele ngaphambi kokubhala izivivinyo.

Izishoshovu zamalungelo abantu kuleliyazwe sezisabise ngokuthathela izinyathelo zomthetho i-Olabisi Onabanjo University, okuyiyo egila lemikhuba. Abafundi besifazane badinwe kakhulu emuva kokuphoqwa ukuthi bethintwe amabele base bebikela abezinhlangano zamalungelo abantu.

I-video evela e-Olabisi Onabanjo University, e-Ogun State ikhombisa abasebenzi besifazane bethinta izifuba zabafundi emnyango wamahholo ngaphambi kokungena emagunjini okubhala izivivinyo.

Le-university ithule cwaka ngalesi sigameko, kodwa abaholi babafundi bavele bawuvikela lo mkhuba.

Umengameli we-Students’ Union u-Muizz Olatunji ephawula ku-X uthe umgomo wokugqoka awumusha futhi uhlose ukuqinisekisa ukuthi abafundi bagqoka ngendlela ehloniphekile. Uthe ukuhlolwa ngalendlela kusiza ukuvimbela izingubo ezingenza abanye baphazamiseke.

Nokho uvumile ukuthi indlela izinto ezenziwa ngayo idinga ukushintshwa ngemuva kokugxekwa.

Izishoshovu zamalungelo abantu zisabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho lesi sikhungo.

UHaruna Ayagi we-Human Rights Network utshele i-BBC ukuthi ukuthinta abafundi ngaphandle kwemvume akulungile futhi kungafaka i-university enkantolo.

“Ukuthinta umuntu ngaphandle kwemvume akulungile futhi kungafaka i-university enkingeni,” usho kanje.

Abafundi baveze ukuthi i-university inomthetho oqinile wokuziphatha yize ingesona isikhungo sezenkolo. Lesikhungo saqala njenge-Ogun State University ngo-1982, sabe sesiqanjwa kabusha ngo-2001, u-Olabisi Onabanjo obeyi-governor phakathi kuka-2003 kuya ku-2011.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.