UZOHLONISHWA NGOMDLALO WE-TENNIS USOL. PAULUS ZULU OSETHUTHUKISE ABANINGI KUWO
Sihle Msani Mvune
KUZOHLONISHWA uSolwazi Paulus Mzomuhle Zulu (84) ofundisa e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngomdlalo webola lomphebezo (tennis) ngenxa yeqhaza alibambile ekuthuthukiseni lo mdlalo, ikakhulu entsheni emnyama.
Kuhlelwa ukuthi umdlalo wokumhlonipha ube se-Westridge Park Tennis Stadium ngomhla ka 26 Ntulikazi 2025.

Esithombeni: USolwazi Paulus Zulu esenkundleni ye-tennis
USolwazi uZulu owazalelwa eXobho, KwaZulu Natal, useke wabamba izikhundla eziningi eNingizimu Afrika okuhlanganisa nokuba usihlalo webhodi yenhlangano yezokusakaza, iSABC phakathi kuka-1996 no-1999.
Ubeyilungu lebhodi le-Human Sciences Research Council SA ngo-2010 kuya ku-2014. Yize ematasatasa nemisebenzi emqoka yesizwe nakwezemfundo futhi engumbhali kodwa uSolwazi Zulu ubekwazi ukwenza isikhathi sokufaka nokugqugquzela intsha kwi-tennis.
USiyanda Mvubu ongusihlalo weGagasi Tennis Club, ophinde abe ngumgqugquzeli walo mcimbi wokuhlonishwa kukaSolwazi Zulu ekhuluma nentatheli yoMkhaya uthe bakhethe uSol. Zulu ngoba eyisibonelo esihle emphakathini.
Uthe yize kunguye omdala kunabo bonke abadlali kwiGagasi kodwa uyakhombisa ukuthi imfundo uyakwazi ukuyibhalansisa nezemidlalo, futhi bonke babukela kuyena usolwazi ukuthi empilweni kumele uhloniphe omdala nomncane. Kanti abazimisele ukuba ingxenye yalomncimbi noma abafisa kudlala bangafika bazodlala nabo.

Esithombeni: Imininingwane ngomdlalo wokuhlonipha uSolwazi Paulus Zulu
Kungenwa ngo-R300 umuntu ngamunye. Ube esephetha ngokuthi abafuna kuxhasa bangathintana naye kule nombolo ethi 066 200 4813 noma bethinte u-Ayanda kwethi 082 994 6780.

