EZISEMATHENIIzindaba

“SIZOXOXA NABANTU NGOKUSUNGULA IQEMBU ELISHA” – FLYOD SHIVAMBU

UDALULE ukuthi kulamasonto amabili ezayo yena nethimba uzobe enezithangami lapho bezobe bexhumana khona nabantu ngokumele bakwenze, uMnuz. Flyod Shivambu. Ubekhuluma kanje ngoLwesine kwisithangami sabezindaba lapho ededele izinguzunga zamatshe ezibhekise ku-MK Party. Utshele izintatheli ukuthi angeke asule nokho kuleli qembu.

Kuthe ngoLwesine ebusuku okhulumela i-MK Party, uMnuz. Nhlamulo Ndlela kwabonakala emkhipha uMnuz. Shivambu kwi-group yeqembu ka-Whatsapp. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bayazibuza ukuthi ngabe lokhu kuyizimpawu zokuthi uzoxoshwa lomholi?

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule i-MK Party kaMnuz. Jacob Zuma imemezele ukuthi iyamehlisa esikhundleni sokuba unobhalajikelele weqembu, yathi isizomjuba ephalamende. Kuze kwashaya leli sonto engafakiwe ohlwini lwamagama abaya ephalamende.

Ngaphambi kokukhuluma nezintatheli ngoLwesithathu ubhale emakhasini akhe ehlukene ezinkundla zokuxhumana eveza ukuthi uzokhuluma iqiniso ngokuyikhona iqembu elimkhiphele khona esikhundleni sikanobhala jikelele.

NgoLwesine ube esetshela abezindaba ukuthi ususwe esikhundleni ngenxa yenhlebo ebitshelwa uMnuz. Zuma ukuthi yena uhlela nabathile itulo lokumketula njengomengameli weqembu noku ‘mnyamalalisa’. Uthe kuleli qembu kunabantu abadukisa umengameli walo ngoba esegugile. Uthe iyadliwa imali ku-MK Party. “Akunqeni ukuthi kuvele kukhishwe imali engu-R7 million ngenyanga”, kusho yena. Uthe ingakho kuhleze kuxoshwa omgcinisikhwama ukuze kube nenkululeko.

Ube esethi emuva kwalokho kube nabantu abebembuza ukuthi kwenziwanjani?

“Kukhona abebethi abgibuyele ku-EFF, abanye bethi angibuyele ku-ANC kodwa ngibatshelile ukuthi angeke ngikwenze lokho. Umuntu ojoyina i-EFF ne ANC ngabe akaphilile kahle ekhanda”, kusho yena.

“Kukhona abathi angisungule iqembu elisha. Kulabo ngithe kuzomele sizwe ngabantu ukuthi bayalidinga yini iqembu elisha lezepolitiki.

“Makunesidingo sokusungula iqembu elisha lepolitiki, akumele kube isigungu sabangani, inguyazana yomndeni noma isigcawu sobuzwe. Sizoxhumana nabantu baseNingizimu sizwe ngabo ukuthi lingasungulwa yini iqembu ngoba akumele kube into yami”, kusho uShivambu.

Uthe uma i-MK Party ibona ukuthi ukukhuluma nabantu kuphambene nemigomo yalo uzozwa ngayo .

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.