Izindaba

KUDUTSHULWE KWAFA ISIKHULU SE-WALTER SISULU UNIVERSITY SIPHUMA ETOHWENI

AMAPHOYISA aphenya isigameko kokudutshulwa kubulawe i-deputy chancellor e-Walter Sisulu University eMthatha campus emuva kokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu ngoLwesine ebusuku.

Lesi gameko senzeke ngabo-18:00 eduze kwaso lesi khungo njengoba isikhulu se-university bese sishayela imoto siyongena ku-N2 sibheke ekhaya.

Okhulumela amaphoyisa u-Brigadier Nobuntu Gantaba uthe umufi utholakale eseshonile emotweni yakhe ebimile. “Uphenyo lwesikhashana luthole ukuthi umufi ubulawe inqwaba yezinhlamvu ezimthole ehleli esihlalweni somshayeli”, kusho yena.

Uthe akakutholakali ukuthi ngabe kube yini imbangela yokubulawa kwakhe. “Uthe igama likamufi lizodedelwa uma umndeni usuwazisiwe ngesigameko”, kusho yena.

Emuva kwesigameko kuphithizele abaseshi nongcwetu bezobugebengu bezocwaninga indawo okwenzeke kuyo isigameko.

Kwenzeka lesi sigameko nje kusanda kubulawa umfundi, uSisonke Mbolekwa kuso lesi sikhungo. Abafundi bake bavuka umbhejazane befuna i-deputy chancellor yesikhungo, uSolwazi Rushiella Songca ixolise ngendlela okuphathwe udaba lokufa kwalo mfundi obulawe esinye isikhulu sayo le-university, uManelisi Mampana ongaphandle nge-bail.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.