IZIGEBENGU ZIMQHUTHE YONKE IMALI ZAMDANSISA ENQUNU UMAKATHANGITHINI
UVELELWE imbedumehlwane usomahlaya ophinde abe i-content creator, uSimthande Myeza odume ngelikaMakaThangithini. Ngokwesitatimende esikhishwe umndeni ngoLwesibili, mhlaka 17 Nhlangulana 2025 uMyeza ubese-Berea ngesikhathi ebiza imoto yakwa-Bolt kubendlela abeyithatha. Kuthe sekuhanjwa wayibona le moto ithatha indlela angayazi, wacela umshayeli ukuthi abuyele emuva, okuyilapho evele wami khona.
Abesilisa ababili abamnyama abebekule moto bamgulise izingubo abezigqokile ngenkani, bathumela yonke imali ebiku-account yakhe kweyabo. Baqeda lapho bamdansisa enqunu enjalo, wena owabona abesifazane abadansa bebambe izinsimbi mabeyenga amadoda.
Emuva kwalokho babonile ukuthi ungubani bathi kashaye isishwaphasana sakhe ahambe kodwa angathi vu ngoba uzokubona okwabonwa uSawule emthini.

Esithombeni: Isitatimende esikhishwe umndeni kaSimthande ‘MakaThangithini’ Myeza
Okhulumela umndeni uLomsongaka Myeza uthe ngezintatha zangoLwesithathu babe sebethi akasho ukuthi uhlalaphi ukuze bamqashele imoto, nebala ifikile. “Udaba lubikiwe esiteshini samaphoyisa esiseduze, kumanje uphephile, unathi”, kusho isitatimende.
UMyeza uke waba umsakazi we-Radio Khwezi enza uhlelo lwantamama phakathi nezinsuku obelungena ngehora lesi-15:00 luphele ngelesi-17:00. Ngesikhathi eshiya kulo msakazo wathi usefuna ukugxila emsebenzini wakhe wokuba usomahlaya.