UNGAMBUKELI PHANSI ONGASEBENZI
NGINIBINGELELE nonke baNqobi kuzozonke izindawo. Ngiyethemba imibungazo yosuku lwentsha ihambe kahle. Ngiselapho nje ngike ngabona umbhalo omuhle lapha ezinkundleni zokuxhumana obukhuluma ngokuthi, mhlampe sekumele singabungazi intsha ka-1976 kuphela. Kumbhali ube nombono wokuthi kungcono minyaka yonke sibungaze intsha eyenze kahle ngonyaka owandulela lowo okuzobe kubungazwa ngawo. Kodwa ke emqondweni wami nginokuthi uma intsha ibumbana ilwele ushintsho bese isebenzisa amathuba ewatholayo ngokufanele lokho kungenzeka.
Namuhla ngifisa kesiqwashisane ngokubaluleka kwendlela owenza ngayo ngesikhathi usasebenza. Ayikho into ebuhlungu njengokuphelelwa umsebenzi. Kuyenzeka abantu beshintshe indlela ebebekuhlonipha, bekuthanda futhi bekukhonze ngayo. Abaneqiniso yilaba abakunika indawo yakho noma ungenalutho. Lokho kusuke kukhombisa ukuthi bebengathandi kuphela abakuthola kuwe kodwa wena uqobo. Bayahlehla abantu uma ungasatohozi. Kodwa ke okunye okungakusebenzela ungasasebenzi ukuthi, wena ububathatha kanjani abantu usasebenza. Kuyenzeka ke abaneqiniso balenze iqiniso kuwe. Kanti bakhona futhi abakhombisa ubunyoka noma wena bewubenzela iqiniso usasebenza.
Ngithanda ukugcizelela ukuthi uma ngabe usasebenza muntu omusha ungakhohlwa yimuva lakho. Inhloso yokusebenza ukushintsha isimo sempilo yakho kanye nalabo osondelene nabo ikakhulukazi umnndeni.
Ngike ngabona abantu bethola ithuba lokusebenza base bekhohlwa abanye abantu ikakhulukazi ababasizile nabebenabo izinto zingahlangani. Ukusebenza akusho ukuthi ungabe usamhlonipha omunye umuntu. Akukukhwezi ekhanda labantu abadala. Nabancane futhi kunawe khumbula ukuthi nabo bangabantu. Kuyinto enhle uma usebenza kekube khona okuhle owenzayo nawe ekhaya la uvela khona.
Ungakhohlwa nawukuthi ikusasa alaziwa. Ungalala namuhla usebenza uvuke kusasa umsebenzi uphela ngenxa yezizathu eziningi. Kubalulekile ukumazi omunye umuntu. Sikhule siyalwa ngokuthi umsebenzi uyahlonishwa. Namanje kusenjalo. Okunye okubalulekile ukuthi laba abakhulayo uma ungabasizi ngalutho ungakhohlwa ukuthi nabo bazosebenza ngelinye ilanga. Kunabantu namuhla abacela ngisho uR2 kepha ngesikhathi benotho bebengamazi nhlobo omunye umuntu. Inhlupheko iyathobisana futhi iyakwazi ukukutomula uzitshela ukuthi sewusesicongweni ikubuyise. Isuke izokufundisa ukuphila nabantu.
Hlonipha, uxhumane kahle nabantu. Zifundise ikhono elithize elizokubeka emathubeni okukhula ngokomsebenzi.
Ukuqaphele futhi nokusetshenziswa ngoba nakhu usebenza. Ungavumi ukuphushwa ngamadolo kuhlale kunguwe phambili ezintweni ezidinga imali. Abanye bazokufuna imali kodwa benayo futhi ungazi ngiso indibilishi yabo. Uma ungeke ukhone hlehla, siza ngokuzicabangela nawe ngaphandle kokuzikhukhumeza. Kuyiqiniso ukuthi ngeke usize wonke umuntu. Ungaphoqi. Kuzokulimaza lokho ukuziqhuthula noma ungenalutho ngoba kusasa kuzokwenzeka ungasizwa muntu.
Iphuzu lami lisekutheni ungaziphakamisi uma unotho kodwa futhi uqaphele kakhulu. Ungabacwasi abantu ngoba bengasebenzi. Phila nabantu. Uma kukhona ongasiza kepha uma kungekho ungazisoli ngokuthi kawenzanga lutho. Izinsuku kazifani.
Umbuzo omkhulu uthi ngubani okusizayo uma usenkingeni weswele? Kukhona abantu okufanele ubasize ungabheke lutho ngoba uyasazi isimo sabo. Qaphela kodwa labo ohlale ubasiza bona bebeke izaba uma usenkingeni ngisho benayo indlela yokukusiza. Nawe ngeke uhlale unakho. Kuyenzeka ka ke kube khona abakuzondela ukuthi kawukwazanga ukwelula isandla. Lokho kumele ukwamukele ngoba phela nawe ngeke welule isandla ungenalutho. Wonke umuntu uyaxakeka ngisho nalabo esibabuka kubahambela kahle. Izinkinga zethu kazifani. Mhlawumpe njengoba ushoda ngemali engu-R2 yena ushoda ngo-R2000.
Okubalulekile nje yikho ukumazi omunye umuntu nokuba nesibindi sokulandula uma usaxakekile.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo