UFEZE IPHUPHO UZAKES BANTWINI EPHOTHULA IZIFUNDO E-HARVARD BUSINESS SCHOOL
UZISHAYA isifuba umculi wakuleli, uZakhele ‘Zakes Bantwini’ Madida ngokfeza iphupho lakhe emuva kokuphothula izifundo zokuphatha ibhizinisi lo mculo nezemidlalo e-Harvard Business School e-US.
Emuva kokuphothula lezifundo, lesi sikhungo simuthweswe iziqu ngokusemthethweni.
U-Zakes odume ngezingoma ezithi Clap Your Hands, Imali ne-Osama uthe ukuphothula lezifundo umvuzo omkhulu kakhulu kuye. Isahluko esikhulu, esichaza kabanzi ngendawo amaciko ase-Afrika okumele abe kuyo makunezingxoxo emhlabeni, emahhovisi nasematafuleni lapho okuhlahlwa khona indlela ngekusasa.
Lo mculi wakwaMashu uqede lezifundo zakhe emuva kweminyaka emine ephushwa iphupho nentshisekelo abenayo ngebhizinisi lomculo. Nokho uke wathi ukuphazamiseka ngesikhathi kusahlasele isifo esibe ngundabamlonyeni, i-Covid19 kodwa wabuye waqhubeka.

Esithombeni: Iziqu zika-Zakes Bantwini ze-Business in Entertainment, Media and Sports
Unkosikazi ka-Zakes uNandi, ubongele umyeni wakhe ngale mpumelelo. “Ngiyakubongela @zakesbantwini ngokuqeda izifundo zezinga eliphakeme e-Harvard Business School. Namuhla sigubha iminyaka eyisi-9 yomshado wethu futhi indlela emnandi yokubungaza lempumelelo nohambo lwethu”, kusho yena.