EZEMISAKAZOEZISEMATHENIIzindaba

U-SELBYONCE UBEYIVULANDLELA LABAPHILA IMPILO YOBUTABANE KUKHOZI FM

WABA nesibindi kodwa uZandile Tembe obengumphathi wezinhlelo ngokuthatha isinqumo sokulanda umsakazi oyisitabane ezomfaka emsakazweni onabalaleli ababambelele endleleni endala yosikompilo. Phela lomsakazo emlandweni wawo bekuqala ukuthi usakazelwe umuntu ongazifihlile ukuthi uthanda abanobulili obufanayo nobakhe futhi ezitekisela ngakho lokho emoyeni.

U-Selby ‘Selbyonce’ Mkhize uqale ukungena kuKhozi FM ngo-2012 ohlelweni obelwenziwa, uMandla Magwaza oluthi Umnyakazo Top 20 enza izindaba zosaziwayo. Kwathi ngo-2014 wangena ohlelweni lwantamama olungena phakathi kwehora lesi-15:00 nelesi-18:00 obelwenziwa uKhathide ‘Tshatha’ Ngobe oluthi Woza Nabangani Bakho (WNB), nakhona egxile kwezosaziwayo. Kuthe ngonyaka olandelayo sekushintsha izinhlelo zalo msakazo wangena isonto lonke.

Uke wenza nohlelo lwasekuseni phakathi kwehora lesi-06:00 nelesi-09:00. Uphinde futhi wasakaza noSiya Mhlongo uhlelo lwasemini obeluthi Ndiza Nathi 12 to 3 phakathi kwehora le-12:00 nelesi-15:00. Kuzokhumbuleka ukuthi uSiya naye kuvele ngengozi ukuthi uthandana nabesilisa. Bobabili u-Selbyonce noSiya ngaphambi kokusakaza kuKhozi FM bebesakaza kwiGagasi FM.

Esithombeni: U-Selbyonce ‘Selby’ Mkhize noSiya Mhlongo

Kuzokhumbuleka ukuthi uMandla Magwaza obesenza yona i-Top 20 ubuye walanda isitabane esidumile uSabelo ‘Ntombeningi’ Sithole wamfaka ohlelweni olufanayo nobelwenziwa u-Selbyonce, naye enza i-showbizz.

Esithombeni: USabelo ‘Ntombeningi’ Sithole

U-Selbyonce unqobe imincintiswano eminingi njengomsakazi obenza kahle kakhulu futhi elikhuphula njalo nezinga lakhe kwezokusakaza. Umphathi wezinhlelo kulo msakazo, uLwazi Mthabela ongumphathi woKhozi FM uncome kakhulu ukuzinikela kuka-Selbyonce emsebenzini wakhe. “U-Selby ubeyilungu elibalulekile lomndeni wethu. Ugqozi kanye nentshisekelo yakhe kubambe iqhaza elikhulu empumelelweni yesiteshi. Ulumele Ukhozi FM ngokuziqhenya futhi ngokuhlonipheka, enqoba izindondo futhi ethinta imiphefumulo yabaningi”, kusho yena

UMthabela uthe bayaziqhenya ngokukhula kwakhe futhi bamfisela okuhle kwisahluko esisha sempilo azongena kuso.

Kube nomehluko omkhulu ngesikhathi efika kuKhozi FM, njengoba kunyuke isibalo sabalaleli safinyelela ku-7.6 million. Nokho akukho okungapheli, njengoba kuthe ngoLwesibili iphephandaba lesiZulu, Isolezwe ladalula ukuthi kugqashuka igoda phakathi kwakhe noKhozi. Akukacaci ukuthi ulibangisaphi kodwa ngokombiko wephepha ukhonjwa esiteshini esiyimbangi yalo Ukhozi FM.

U-Selbyonce uzokhumbuleka kubalaleli bakhe ngokufaka umfutho emoyeni uma esakaza kanye nokukwazi ukuba uye angazivaleli ekhoneni. Ubamele kahle ozwakabo abaphila impilo efana neyakhe, wazenza wamukeleka kubalaleli bomsakazo Ukhozi FM azolushiya esayintandokazi kwabaningi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.