Izindaba

BASOLA IJELE NGOKUBULALA U-R. KELLY NGAMAPHILISI ABAMELI

UPHUTHUNYISWE esibhedlela kukubi umculi otholoza ejele, u-R Kelly emuva kokudla amaphilisi awanikwe abasebenzi basejele aboshwe kulo, i-Carolina Prison. Abameli bakhe batshele abezindaba ukuthi labasebenzi bebephezu kwetulo lokuzama ukubulala ikhasimende labo.

Abameli bathe lomculi odonsa isigwebo seminyaka engama-30 unikwe onogada basejele amaphilisi amaningi ngenhloso yokumbulala. U-R Kelly emuva kokuboshwa uphathwe isifo sokhwantalala wabe eseqala ukudla amaphilisi aso.

Uboshwe ngamacala okushintshiselana ngocansi, kanye nokushushumbisa abantu ngenhloso yokubenzisa ucansi.

Emaphepheni asenkantolo kuvele ukuthi ngomhlaka-10 Nhlangulana 2025 onogada basejele bashintshe igumbi abehlala kulo bambeka yedwa, ngenhloso yokwenza ngokungaphazamiseki itulo lokumbulala.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.