EZISEMATHENIIzindaba

KUFE 10 ENGOZINI ENYANTISA IGAZI E-VRYHEID

BASATHUKILE namanje abantu abadlule endaweni okwenzeke kuyo isiphihli ingozi enyantisa igazi edlule nemiphefumulo yabantu abayi-10 okushayisene kuyo iloli nebhasi emgwaqeni u-R34 eduze kwase-Vryheid ngoMsombuluko ebusuku. Ngokwemibiko esiyitholile ibhasi elibandakanyeke kule ngozi belilayishe abalandeli beqembu lepolitiki abebephuma emcimbini wosuku lwentsha.

Ngokubika kwe-Road Traffic Inspectorate (RTI) emuva kokushayisana neloli, ibhasi ebeligcwele phama liginqike lalala ngohlangothi.

Ngeshwa abantu abayi-10 kubikwe ukuthi baphangalale endaweni yesigameko, izidumbu zabo zayiswa emakhazeni akhona e-Vryheid. Abanye abayi-10 abalimele kakhulu bona baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduze. Abangama-20 bathole imihuzukwana engatheni, kwathi kuthi abanye abayisithupha bona baphume bengenamyocu kuhlanganisa nomshayeli walo.

Namanje njengoba sibhala nje isikhathi u-03:54 umgwaqo usavaliwe ukudedela abezimo eziphuthumayo ukuthi bephuthumise abasindile ezikhungweni zempilo ukuze bathole ukwelashwa. Kucelwa abashayeli bezimoto ukuba babekezele njengoba kusacinene utshumo noma basebenzise eminye imizila.

Umnyango wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali uthe uzosebenzisana nabe-RTI kanye namaphoyisa ukuphenya ngembangela yale ngozi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com