EZISEMATHENIIzindaba

KUFE 10 ENGOZINI ENYANTISA IGAZI E-VRYHEID

BASATHUKILE namanje abantu abadlule endaweni okwenzeke kuyo isiphihli ingozi enyantisa igazi edlule nemiphefumulo yabantu abayi-10 okushayisene kuyo iloli nebhasi emgwaqeni u-R34 eduze kwase-Vryheid ngoMsombuluko ebusuku. Ngokwemibiko esiyitholile ibhasi elibandakanyeke kule ngozi belilayishe abalandeli beqembu lepolitiki abebephuma emcimbini wosuku lwentsha.

Ngokubika kwe-Road Traffic Inspectorate (RTI) emuva kokushayisana neloli, ibhasi ebeligcwele phama liginqike lalala ngohlangothi.

Ngeshwa abantu abayi-10 kubikwe ukuthi baphangalale endaweni yesigameko, izidumbu zabo zayiswa emakhazeni akhona e-Vryheid. Abanye abayi-10 abalimele kakhulu bona baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduze. Abangama-20 bathole imihuzukwana engatheni, kwathi kuthi abanye abayisithupha bona baphume bengenamyocu kuhlanganisa nomshayeli walo.

Namanje njengoba sibhala nje isikhathi u-03:54 umgwaqo usavaliwe ukudedela abezimo eziphuthumayo ukuthi bephuthumise abasindile ezikhungweni zempilo ukuze bathole ukwelashwa. Kucelwa abashayeli bezimoto ukuba babekezele njengoba kusacinene utshumo noma basebenzise eminye imizila.

Umnyango wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali uthe uzosebenzisana nabe-RTI kanye namaphoyisa ukuphenya ngembangela yale ngozi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.